AMahubo 24:1-10

AMahubo 24:1-10 ZUL20

Umhlaba ungokaSimakade nakho konke okukuwo, izwe nabakhileyo kulo, ngokuba nguye owawumisa phezu kwezilwandle, wawusekela phezu kwemifula. Ngubani nje oyokhuphukela entabeni kaSimakade na? Ngubani oyokuma endaweni yakhe engcwele na? Yilowo onezandla ezihlanzekileyo, nenhliziyo emsulwa, ongazibandakanyi nokungamanga futhi ongafungi ngenkohliso. Uyofumana isibusiso kuSimakade, nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe. Yilesi isizululwane salabo abamfunayo, labo abafuna ubuso bukaNkulunkulu kaJakobe. Sela Phakamisani, amakhanda enu masango! Niphakame nani minyango yaphakade, phakamani ukuze iNkosi yenkazimulo ingene. Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguSimakade onamandla, oyiqhawe, uSimakade oyiqhawe empini. Phakamisani amakhanda enu masango! Niphakame nani minyango yaphakade, ukuze iNkosi yenkazimulo ingene. Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguSimakade Wamabandla, nguYena oyiNkosi yenkazimulo. Sela

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 24:1-10

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo