AmaHubo 24:1-10
AmaHubo 24:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Umhlaba ungokaSimakade nakho konke okukuwo, izwe nabakhileyo kulo, ngokuba nguye owawumisa phezu kwezilwandle, wawusekela phezu kwemifula. Ngubani nje oyokhuphukela entabeni kaSimakade na? Ngubani oyokuma endaweni yakhe engcwele na? Yilowo onezandla ezihlanzekileyo, nenhliziyo emsulwa, ongazibandakanyi nokungamanga futhi ongafungi ngenkohliso. Uyofumana isibusiso kuSimakade, nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe. Yilesi isizululwane salabo abamfunayo, labo abafuna ubuso bukaNkulunkulu kaJakobe. Sela Phakamisani, amakhanda enu masango! Niphakame nani minyango yaphakade, phakamani ukuze iNkosi yenkazimulo ingene. Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguSimakade onamandla, oyiqhawe, uSimakade oyiqhawe empini. Phakamisani amakhanda enu masango! Niphakame nani minyango yaphakade, ukuze iNkosi yenkazimulo ingene. Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguSimakade Wamabandla, nguYena oyiNkosi yenkazimulo. Sela
AmaHubo 24:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo. Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle, wawumisa phezu kwemifula. Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova, ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na? Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso. Uyakwamukela isibusiso kuJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe. Yilesi esiyisizukulwane sabamfunayo; bona abasinga ubuso bakho bangabantwana bakaJakobe. Sela* Phakamisani, masango, izinhloko zenu; nani minyango yaphakade, phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene. Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguJehova onamandla, oyiqhawe, uJehova oyiqhawe lokulwa. Phakamisani, masango, izinhloko zenu; nani minyango yaphakade, phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene. Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? UJehova Sebawoti nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela*
AmaHubo 24:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide. Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo; umhlaba nabahlala kuwo. Ngokuba walisekela phezu kolwandle, walimisa phezu kwemifudlana. Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova na? Ngubani oyakuma endlini yakhe engcwele na? Onezandla ezihlanzekileyo nenhliziyo ehlanzekileyo; ongaphakamiseli umphefumulo wakhe ezeni nongafunganga amanga. Uyakwamukela isibusiso sikaJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe. Lesi yisizukulwane sabamfunayo, abafuna ubuso bakho, Jakobe. Sela. Phakamisani amakhanda enu, O masango! futhi ziphakamiseni, minyango yaphakade! futhi inkosi yodumo iyongena. Ingubani le nkosi ehloniphekile? UJehova, onamandla nonamandla, uJehova, onamandla ekulweni. Phakamisani amakhanda enu, O masango! phakamisani nina minyango yaphakade! futhi inkosi yodumo iyongena. Ingubani le nkosi ehloniphekile? UJehova Sebawoti uyiNkosi yenkazimulo. Sela.