AMahubo 24

24
Ukungena KweNkosi Yenkazimulo
ElikaDavide. Ihubo
1Umhlaba ungokaSimakade nakho konke okukuwo,
izwe nabakhileyo kulo,
2ngokuba nguye owawumisa phezu kwezilwandle,
wawusekela phezu kwemifula.
3Ngubani nje oyokhuphukela
entabeni kaSimakade na?
Ngubani oyokuma
endaweni yakhe engcwele na?
4Yilowo onezandla ezihlanzekileyo,
nenhliziyo emsulwa,
ongazibandakanyi nokungamanga
futhi ongafungi ngenkohliso.
5Uyofumana isibusiso kuSimakade,
nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.
6Yilesi isizululwane salabo abamfunayo,
labo abafuna ubuso bukaNkulunkulu kaJakobe. Sela
7Phakamisani, amakhanda enu masango!
Niphakame nani minyango yaphakade,
phakamani ukuze iNkosi yenkazimulo ingene.
8Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?
InguSimakade onamandla, oyiqhawe,
uSimakade oyiqhawe empini.
9Phakamisani amakhanda enu masango!
Niphakame nani minyango yaphakade,
ukuze iNkosi yenkazimulo ingene.
10Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?
InguSimakade Wamabandla,
nguYena oyiNkosi yenkazimulo. Sela

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 24: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo