AMahubo 20:1-9

AMahubo 20:1-9 ZUL20

USimakade makakuphendule ngosuku lwenhlupheko. Igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele. Makakuthumelele usizo oluvela endlini engcwele, akweseke eseZiyoni. Makayikhumbule yonke iminikelo yakho, awemukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela Makakuphe okufiswa yinhliziyo yakho, afeze zonke izinhloso zakho. Sihlokome, sihalalise ngokunqoba kwakho, siphakamise ibhanela egameni likaNkulunkulu wethu. USimakade makaphumelelise konke okucelayo. Manje sengiyaqonda ukuthi uSimakade uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe: uyamphendula esezulwini lakhe elingcwele ngamandla okusindisa asesandleni sakhe sokunene. Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu. Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime. Sindisa, Simakade! INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.