AmaHubo 20:1-9
AmaHubo 20:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade makakuphendule ngosuku lwenhlupheko. Igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele. Makakuthumelele usizo oluvela endlini engcwele, akweseke eseZiyoni. Makayikhumbule yonke iminikelo yakho, awemukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela Makakuphe okufiswa yinhliziyo yakho, afeze zonke izinhloso zakho. Sihlokome, sihalalise ngokunqoba kwakho, siphakamise ibhanela egameni likaNkulunkulu wethu. USimakade makaphumelelise konke okucelayo. Manje sengiyaqonda ukuthi uSimakade uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe: uyamphendula esezulwini lakhe elingcwele ngamandla okusindisa asesandleni sakhe sokunene. Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu. Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime. Sindisa, Simakade! INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.
AmaHubo 20:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova makakuphendule ngosuku lokuhlupheka; igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele. Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele, akusekele ngamandla aseSiyoni. Makakhumbule yonke iminikelo yakho yokudliwa, awamukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela* Makakunike njengokwenhliziyo yakho, afeze icebo lakho lonke. Siyahalalisa ngensindiso yakho, siphakamise ibhandela* egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho. Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe: esezulwini lakhe elingcwele uyamphendula ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene. Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu. Bayathoba, bawe; kepha thina siyavuka, sime. Sindisa, Jehova! INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.
AmaHubo 20:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. UJehova uyakukuzwa ngosuku losizi; igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele; Uyakuthuma usizo oluvela endlini engcwele, akuqinise kwaseSiyoni; Khumbula yonke iminikelo yakho, wamukele umnikelo wakho wokushiswa; Sela. Faka enhliziyweni yakho wenze wonke amasu akho. Siyakuthokoza ngensindiso yakho, siphakamise izindinganiso zethu egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho. Manje sengiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe; uyakumahlulela esezulwini lakhe elingcwele ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene. Abanye bathemba izinqola, abanye amahhashi, kepha thina siyakulikhumbula igama likaJehova uNkulunkulu wethu. Awela phansi, kodwa thina sasukuma sama saqonda. Sindisa, Jehova! INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.