UJehova makakuphendule ngosuku lokuhlupheka; igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele. Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele, akusekele ngamandla aseSiyoni. Makakhumbule yonke iminikelo yakho yokudliwa, awamukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela* Makakunike njengokwenhliziyo yakho, afeze icebo lakho lonke. Siyahalalisa ngensindiso yakho, siphakamise ibhandela* egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho. Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe: esezulwini lakhe elingcwele uyamphendula ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene. Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu. Bayathoba, bawe; kepha thina siyavuka, sime. Sindisa, Jehova! INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.
Funda AmaHubo 20
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 20:1-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo