AMahubo 18:30-36

AMahubo 18:30-36 ZUL20

Indlela yakho, Nkulunkulu, iphelele, izwi likaSimakade lihlanzekile, uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye. Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaSimakade na? Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? UNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami iphelele. Wenza izinyawo zami zibe njengezendluzele, angimise ngiqine ezindaweni zami eziphakemeyo. Uqeqesha izandla zami, ukuze ngikwazi ukulwa; izingalo zami zibe namandla okugobisa umnsalo wethusi. Wena unginike isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singiphasile, ubukhona bakho bungenze ngaba mkhulu. Wandisile izinyathelo zami phansi kwami, namaqakala ami awabhinyikanga.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 18:30-36