AmaHubo 18:30-36

AmaHubo 18:30-36 ZUL59

Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? uNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami ilunge; owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami; ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi. Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile. Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 18:30-36