AmaHubo 18:30-36
AmaHubo 18:30-36 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Indlela yakho, Nkulunkulu, iphelele, izwi likaSimakade lihlanzekile, uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye. Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaSimakade na? Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? UNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami iphelele. Wenza izinyawo zami zibe njengezendluzele, angimise ngiqine ezindaweni zami eziphakemeyo. Uqeqesha izandla zami, ukuze ngikwazi ukulwa; izingalo zami zibe namandla okugobisa umnsalo wethusi. Wena unginike isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singiphasile, ubukhona bakho bungenze ngaba mkhulu. Wandisile izinyathelo zami phansi kwami, namaqakala ami awabhinyikanga.
AmaHubo 18:30-36 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? uNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami ilunge; owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami; ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi. Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile. Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi.
AmaHubo 18:30-36 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu yena, indlela yakhe iphelele; izwi likaJehova lihloliwe; Uyisihlangu kubo bonke abamethembayo. Ngoba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova? Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? NguNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami iphelele. Wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzele, ungimisa ezindaweni zami eziphakemeyo. Ufundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami ziqhamuke umnsalo wensimbi. Wena wanginika isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene sangibamba, lomusa wakho wangikhulisa. Wavula izinyawo zami phansi kwami, ukuze izinyawo zami zingasheleli.