Simakade, uyisabelo sami nendebe yami; uphethe ukuphila kwami. Ungabele izindawo zekhethelo, ifa elihle kakhulu. Ngiyakudumisa uSimakade ongelulekayo. Nasebusuku inhliziyo yami iyangiqondisa. Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa. Ngakho-ke inhliziyo yami iyathokoza, nomphefumulo wami uyethaba, ngisho nomzimba wami uyohlala ulondekile. Ngokuba awuyiyekelanga impilo yami kwelabafileyo; nokuba othembekileyo wakho abone igodi. Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.
Funda AMahubo 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 16:5-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo