UJehova uyisabelo esahlukaniselwe mina, nendebe yami; wena uqinisa ifa lami. Izabelo zingehlele ezindaweni ezinhle, yebo, nginalo ifa elihle. Ngiyakumbonga uJehova ongilulekayo; nasebusuku izinso zami ziyangiyala. Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa. Ngakho-ke inhliziyo yami iyajabula, nomphefumulo wami uyethaba, nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba. Ngokuba awuyikunikela umphefumulo wami endaweni yabafileyo; awuyikuvuma ukuba ongcwele wakho abone ukubola. Uyakungazisa indlela yokuphila; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.
Funda AmaHubo 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 16:5-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo