AMahubo 16

16
Umkhuleko Wowethembele KuNkulunkulu
IMiktamu likaDavide
1Ngilondoloze Nkulunkulu,
ngoba uyisiphephelo
engikhosela kuso.
2Ngithi kuSimakade:
“Wena uyiNkosi yami;
akukho buhle kimi
ngaphandle kwakho.”
3Abangcwele abasemhlabeni, abahloniphekileyo,
ikubo intokozo yami yonke.
4“Laba abazikhethela omunye unkulunkulu,
bandisa izinhlupheko zabo.
Angiyukunikela ngemihlatshelo yabo yegazi,
angiyukuwaphatha ngisho amagama abo
ngezindebe zami.”
5Simakade, uyisabelo sami
nendebe yami;
uphethe ukuphila kwami.
6Ungabele izindawo zekhethelo,
ifa elihle kakhulu.
7Ngiyakudumisa uSimakade ongelulekayo.
Nasebusuku inhliziyo yami iyangiqondisa.
8Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade,
ngokuba Wena ungakwesokunene sami,
angiyukuzanyazanyiswa.
9Ngakho-ke inhliziyo yami iyathokoza,
nomphefumulo wami uyethaba,
ngisho nomzimba wami
uyohlala ulondekile.
10Ngokuba awuyiyekelanga
impilo yami kwelabafileyo;
nokuba othembekileyo wakho abone igodi.
11Uyakungazisa indlela yokuphila;
phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo;
intokozo yaphakade,
ingakwesokunene sakho.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 16: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo