Ngilondoloze Nkulunkulu, ngoba uyisiphephelo engikhosela kuso. Ngithi kuSimakade: “Wena uyiNkosi yami; akukho buhle kimi ngaphandle kwakho.” Abangcwele abasemhlabeni, abahloniphekileyo, ikubo intokozo yami yonke. “Laba abazikhethela omunye unkulunkulu, bandisa izinhlupheko zabo. Angiyukunikela ngemihlatshelo yabo yegazi, angiyukuwaphatha ngisho amagama abo ngezindebe zami.” Simakade, uyisabelo sami nendebe yami; uphethe ukuphila kwami. Ungabele izindawo zekhethelo, ifa elihle kakhulu. Ngiyakudumisa uSimakade ongelulekayo. Nasebusuku inhliziyo yami iyangiqondisa. Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa. Ngakho-ke inhliziyo yami iyathokoza, nomphefumulo wami uyethaba, ngisho nomzimba wami uyohlala ulondekile. Ngokuba awuyiyekelanga impilo yami kwelabafileyo; nokuba othembekileyo wakho abone igodi. Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.
Funda AMahubo 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 16:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo