(UMiktamu kaDavide.) Ngilondoloze, Nkulunkulu, ngokuba ngithemba wena. Wena mphefumulo wami, wathi kuJehova: Wena uyiNkosi yami; ubuhle bami abunabele Kuwe; Kodwa kwabangcwele abasemhlabeni, lakwabakhulu, engithokoza ngakho konke. Ziyakwanda izinsizi zabo abaxosha omunye unkulunkulu; angiyikunikela ngeminikelo yabo yokuphuzwa yegazi, namagama abo angiyikuwaphatha ngomlomo wami. UJehova uyisabelo sefa lami nendebe yami; uyalonda isiphetho sami. Izintambo zokulinganisa zingigwebele ezindaweni ezimnandi; yebo, nginalo ifa elihle. Ngizamdumisa uJehova onginike iseluleko; nezinso zami ziyangifundisa ebusuku. Ngiyambeka uJehova phambi kwami njalo; ngoba ungakwesokunene sami, kangiyikuzanyazanyiswa. Ngakho inhliziyo yami iyajabula, nodumo lwami luyethaba; nenyama yami iyophumula ngethemba. Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami esihogweni; futhi ngeke uvumele oNgcwele wakho abone ukonakala. Uzangitshengisa indlela yokuphila; phambi kobuso Bakho kugcwele intokozo; ngakwesokunene sakho kukhona okuthokozisayo kuze kube phakade.
Funda Amahubo 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 16:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo