AMahubo 119:108-142

AMahubo 119:108-142 ZUL20

Simakade, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izehlulelo zakho. Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, nokho umthetho wakho angiwukhohlwa. Izikhohlakali zingicuphile, kepha angichezukanga eziyalezweni zakho. Ubufakazi bakho buyifa lami laphakade, ngokuba buwukuthokoza kwenhliziyo yami. Inhliziyo yami ngiyinamathelise ekwenzeni izimiso zakho, kuze kube sekupheleni. Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyalethemba izwi lakho. Sukani kimi, nina enenza okubi, ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami. Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami. Ngisekele, ngize ngisindiswe, ukuze ngiqikelele ukugcina izimiso zakho njalo. Uyabalahla bonke abachezuka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize. Zonke izikhohlakali emhlabeni uzichitha njengamanyela, ngalokho-ke ngiyabuthanda ubufakazi bakho. Umzimba wami uyathuthumela ngenxa yokukwesaba, ngiyazesaba izehlulelo zakho. Ngenze ubulungiswa nokulunga; unganginikeli kwabangicindezelayo. Qinisekisa inhlalakahle yenceku yakho; ungabavumeli abazidlayo bangicindezele. Amehlo ami alangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho. Inceku yakho iphathe ngomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho. Sekuyisikhathi sokuba uSimakade asukume, ngokuba bawuphulile umthetho wakho. Ngalokho ngiyayithanda imiyalo yakho kunegolide, impela kunegolide elicwengekileyo. Ngakho-ke ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazizonda zonke izindlela zamanga. Ubufakazi bakho buyamangalisa, yingakho umphefumulo wami ubugcina. Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya, kuyabaqondisa abangenalwazi. Ngivula umlomo wami, nginelukuluku, ngokuba ngiyayilangazelela imiyalo yakho. Bheka ngakimi, ube nomusa kimi njengoba wenza kwabathanda iGama lakho. Izinyathelo zami ziqinise ezwini lakho; mangingabuswa nayinye inkohlakalo. Ngihlenge ekucindezelweni ngabantu, ukuze ngizigcine iziyalezo zakho. Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho. Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho. Wena Simakade ulungile; izehlulelo zakho ziqotho. Ubufakazi bakho ubuqoke ngokulunga nangokwethembeka okukhulu. Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe ngamazwi akho. Izwi lakho lihloliwe kakhulu, yingakho inceku yakho ilithanda. Ngimncane, ngedelelekile; nokho iziyalezo zakho angizilibali. Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.