AmaHubo 119:108-142

AmaHubo 119:108-142 ZUL59

Jehova, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izahlulelo zakho: Umphefumulo wami usesandleni sami njalo; nokho umthetho wakho angiwukhohlwa. Ababi bangibekele ugibe, kepha angiduki eziyalezweni zakho. Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami. Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza izimiso zakho njalo, yebo, kuze kube sekupheleni. Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyethemba izwi lakho. Sukani kimi nina enenza okubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami. Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami. Ngisekele, ngize ngisindiswe, ngibheke njalo izimiso zakho. Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize. Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva; ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho. Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe, ngiyesaba izahlulelo zakho. Ngiyenza ukwahlulela nokulunga; unganginikeli kubo abahluphi bami. Mela inceku yakho kube kuhle; abazidlayo mabangangicindezeli. Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho. Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho. Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza, ngokuba bawenz' ize umthetho wakho. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo. Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga. Ubufakazi bakho buyisimangaliso; ngalokho umphefumulo wami uyabugcina. Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi. Ngivula umlomo wami, ngikhefuzela, ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho. Bheka kimi, ube nomusa kimi njengokufanele abathanda igama lakho. Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho; makungangibusi nobubodwa ububi. Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu, ukuze ngigcine iziyalezo zakho. Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho. Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami, ngokuba abagcini umthetho wakho. Wena Jehova ulungile; izahlulelo zakho ziqotho. Uyalezile ubufakazi bakho ngokulunga ngokuthembeka okukhulu. Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho. Izwi lakho licwebile kakhulu; ngalokho inceku yakho iyalithanda. Ngimncane, ngidelelekile; iziyalezo zakho angizikhohlwa. Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo