AmaHubo 119:108-142

AmaHubo 119:108-142 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Simakade, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izehlulelo zakho. Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, nokho umthetho wakho angiwukhohlwa. Izikhohlakali zingicuphile, kepha angichezukanga eziyalezweni zakho. Ubufakazi bakho buyifa lami laphakade, ngokuba buwukuthokoza kwenhliziyo yami. Inhliziyo yami ngiyinamathelise ekwenzeni izimiso zakho, kuze kube sekupheleni. Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyalethemba izwi lakho. Sukani kimi, nina enenza okubi, ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami. Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami. Ngisekele, ngize ngisindiswe, ukuze ngiqikelele ukugcina izimiso zakho njalo. Uyabalahla bonke abachezuka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize. Zonke izikhohlakali emhlabeni uzichitha njengamanyela, ngalokho-ke ngiyabuthanda ubufakazi bakho. Umzimba wami uyathuthumela ngenxa yokukwesaba, ngiyazesaba izehlulelo zakho. Ngenze ubulungiswa nokulunga; unganginikeli kwabangicindezelayo. Qinisekisa inhlalakahle yenceku yakho; ungabavumeli abazidlayo bangicindezele. Amehlo ami alangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho. Inceku yakho iphathe ngomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho. Sekuyisikhathi sokuba uSimakade asukume, ngokuba bawuphulile umthetho wakho. Ngalokho ngiyayithanda imiyalo yakho kunegolide, impela kunegolide elicwengekileyo. Ngakho-ke ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazizonda zonke izindlela zamanga. Ubufakazi bakho buyamangalisa, yingakho umphefumulo wami ubugcina. Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya, kuyabaqondisa abangenalwazi. Ngivula umlomo wami, nginelukuluku, ngokuba ngiyayilangazelela imiyalo yakho. Bheka ngakimi, ube nomusa kimi njengoba wenza kwabathanda iGama lakho. Izinyathelo zami ziqinise ezwini lakho; mangingabuswa nayinye inkohlakalo. Ngihlenge ekucindezelweni ngabantu, ukuze ngizigcine iziyalezo zakho. Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho. Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho. Wena Simakade ulungile; izehlulelo zakho ziqotho. Ubufakazi bakho ubuqoke ngokulunga nangokwethembeka okukhulu. Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe ngamazwi akho. Izwi lakho lihloliwe kakhulu, yingakho inceku yakho ilithanda. Ngimncane, ngedelelekile; nokho iziyalezo zakho angizilibali. Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.

AmaHubo 119:108-142 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Jehova, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izahlulelo zakho: Umphefumulo wami usesandleni sami njalo; nokho umthetho wakho angiwukhohlwa. Ababi bangibekele ugibe, kepha angiduki eziyalezweni zakho. Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami. Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza izimiso zakho njalo, yebo, kuze kube sekupheleni. Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyethemba izwi lakho. Sukani kimi nina enenza okubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami. Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami. Ngisekele, ngize ngisindiswe, ngibheke njalo izimiso zakho. Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize. Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva; ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho. Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe, ngiyesaba izahlulelo zakho. Ngiyenza ukwahlulela nokulunga; unganginikeli kubo abahluphi bami. Mela inceku yakho kube kuhle; abazidlayo mabangangicindezeli. Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho. Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho. Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza, ngokuba bawenz' ize umthetho wakho. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo. Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga. Ubufakazi bakho buyisimangaliso; ngalokho umphefumulo wami uyabugcina. Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi. Ngivula umlomo wami, ngikhefuzela, ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho. Bheka kimi, ube nomusa kimi njengokufanele abathanda igama lakho. Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho; makungangibusi nobubodwa ububi. Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu, ukuze ngigcine iziyalezo zakho. Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho. Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami, ngokuba abagcini umthetho wakho. Wena Jehova ulungile; izahlulelo zakho ziqotho. Uyalezile ubufakazi bakho ngokulunga ngokuthembeka okukhulu. Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho. Izwi lakho licwebile kakhulu; ngalokho inceku yakho iyalithanda. Ngimncane, ngidelelekile; iziyalezo zakho angizikhohlwa. Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.

AmaHubo 119:108-142 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, Jehova, ungifundise izahlulelo zakho. Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, kepha umthetho wakho angiwukhohlwa. Ababi bangibekele ugibe, kepha angidukanga emiyalweni yakho. Ngidle ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kungukuthokoza kwenhliziyo yami. Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza njalo izimiso zakho, kuze kube sekupheleni. SAMECH. Ngiyayizonda imicabango eyize, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; Ngethemba izwi Lakho. Sukani kimi nina benzi bokubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami. Ngisekele ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ungangijabhisi ngethemba lami. Ngisekele, ngizakusindiswa, ngigcine izimiso zakho njalo. Ubanyathele phansi bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba inkohliso yabo ingamanga. Uyababhubhisa bonke ababi bomhlaba njengobibi; ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho. Inyama yami iyathuthumela ngenxa yakho; futhi ngiyazesaba izahlulelo Zakho. AIN. Ngenzé ubulungisa nokulunga; ungangishiyi kubacindezeli bami. Igcine kahle inceku yakho; abazidlayo mabangangicindezeli. Amehlo ami ayaphela ekusindisweni kwakho nasezwini lokulunga kwakho. Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo, ukuze ngazi ubufakazi bakho. Yisikhathi sakho, Jehova, sokuba usebenze, ngokuba umthetho wakho bawenzile ize. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide; yebo, ngaphezu kwegolide elihle. Ngakho ngibheka yonke imiyalo yakho ngakho konke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga. PE. Ubufakazi bakho buyamangalisa; ngalokho umphefumulo wami uyawagcina. Ukufakwa kwamazwi akho kuyakhanyisa; kunikeza ukuqonda kwabangenalwazi. Ngavula umlomo wami ngakhamisa, ngokuba ngilangazelela imiyalo yakho. Bheka kimi, ube nomusa kimi, njengalokho ujwayele ukwenza kwabathanda igama lakho. Hamba ezinyathelweni zami ngokwezwi lakho, makungabuswa ububi phezu kwami. Ngisindise ekucindezelweni kwabantu, ukuze ngigcine imiyalo yakho. Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ungifundise izimiso zakho. Kugeleza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho. TZADDI. Ulungile wena Jehova, ziqotho izahlulelo zakho. Ubufakazi bakho owaziyalayo bulungile futhi buthembekile kakhulu. Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho. Izwi lakho lihlanzekile impela; ngalokho inceku yakho iyayithanda. Ngimncane, ngidelelekile; nokho angikhohlwa imiyalo yakho. Ukwahlulela kwakho kungukulunga kwaphakade, nomthetho wakho uyiqiniso.