Babusisiwe abandlela iqotho,
abahamba ngomthetho kaSimakade.
Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe,
abamfuna ngenhlizyo epheleleyo,
abangakwenzi okungalungile,
kodwa abahamba ezindleleni zakhe.
Uyalile ukuba izimiso zakho
zigcinwe impela.
Sengathi izindlela zami zingagxila
ekugcineni izimiso zakho;
khona ngingeyukujabha,
lapho ngihlonipha yonke imiyalelo yakho.
Ngizakukubonga ngenhliziyo eqotho,
lapho ngifunda izehlulelo zakho ezilungileyo.
Ngizozigcina izimiso zakho;
uze ungangishiyi.
Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe
ihlanzekile na?
Ngokugcina okwezwi lakho.
Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke,
mangingaphambuki emiyalweni yakho.
Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho,
ukuze ngingoni kuwe.
Mawubongwe Wena Simakade,
ungifundise izimiso zakho.
Ngomlomo wami ngimemezele zonke izehlulelo
zomlomo wakho.
Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho
kungathi ngethabela ingcebo.
Ngizozindla ngeziyalezo zakho,
ngizihloniphe izindlela zakho.
Ngizothokoza ngezimiso zakho;
angiyukulikhohlwa izwi lakho.
Yenzele okuhle inceku yakho,
ukuze ngiphile,
ngigcine izwi lakho.
Vula amehlo ami
ukuba ngibone izimangaliso
ezisemthethweni wakho.
Ngingumfokazi emhlabeni,
ungangifihleli imiyalo yakho.
Umphefumulo wami waphukile,
ngokuba ngihlala ngilangazelela
izehlulelo zakho.
Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo,
abaduka emiyalweni yakho.
Susa kimi inhlamba nokweyiswa,
ngokuba ngibugcinile ubufakazi bakho.
Noma izikhulu zihlala zikhuluma ngami;
inceku yakho izindla ngezimiso zakho.
Ubufakazi bakho buyintokozo yami,
bungumeluleki wami.
Umphefumulo wami unamathela othulini;
ngiphilise ngokwezwi lakho.
Ngimemezele izindlela zami,
Wena wangizwa;
ngifundise izimiso zakho.
Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho
ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho.
Umphefumulo wami uyakhala ngenxa yosizi;
ngiqinise ngokwezwi lakho.
Susa kimi indlela yamanga,
ungiphe ngomusa umthetho wakho.
Ngiyikhethile indlela yeqiniso;
izehlulelo zakho ngizibeke phambi kwami.
Ngibambelele ebufakazini bakho;
ungangijabhisi, Simakade.
Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho,
ngokuba uyakungivumela
ukuba ngenze kanjalo.
Simakade, ngikhombise indlela yezimiso zakho;
ngizoyigcina kuze kube sekugcineni.
Ngiphe ingqondo,
ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho,
ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.
Ngihambise endleleni yemiyalo yakho,
ngokuba ngiyathokoza ngayo.
Inhliziyo yami yiguqulele ebufakazini bakho,
ukuze ngingafuni nzuzo ngokungalungile.
Phendula amehlo ami angakuboni okuyize,
ungiphilise endleleni yakho.
Yigcwalise encekwini yakho
inkulumo yakho
eyenza ukuba wesatshwe.
Dlulisa kimi inhlamba engiyesabayo,
ngokuba izehlulelo zakho zinhle.
Ngilangazelela iziyalezo zakho;
ngokulunga kwakho ngiphilise.
Umusa wakho mawuze kimi, Simakade,
insindiso yakho ngokwezwi lakho.
Khona ngiyakumphendula ongichukuluzayo,
ngokuba ngiyalethemba izwi lakho.
Ungalisusi emlonyeni wami izwi leqiniso,
ngokuba ngiyazethemba izehlulelo zakho.
Khona ngiyowugcina njalo umthetho wakho,
kuze kube phakade.
Ngizohamba ngenkululeko,
ngokuba ngifuna iziyalezo zakho.
Ngizokhuluma ngobufakazi bakho
phambi kwamakhosi, ngingajabhi.
Ngiyathokoza ngemiyalo yakho engiyithandayo.
Ngiyakuyihlonipha imiyalo yakho, engiyithandayo,
futhi ngizozindla ngezimiso zakho.
Khumbula izwi owalisho encekwini yakho,
owangenza ngalo ngaba nethemba.
Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami,
ngokuba izwi lakho lingiphilisile.
Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu,
kepha emthethweni wakho angichezuki.
Ngiyazikhumbula Simakade,
izehlulelo zakho zasendulo;
ngiyaduduzeka.
Ukuvutha kolaka kungibambile,
ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho.
Izimiso zakho zaba yizihlabelelo kimi,
endlini yokugogobala kwami.
Simakade, ebusuku ngikhumbula igama lakho,
ngigcine umthetho wakho.
Lokhu kwaba ngokwami,
ngokuba ngizigcinile iziyalezo zakho.
USimakade uyisabelo sami;
ngithi amazwi akho ngizowagcina.
Ngincenga umusa wakho
ngenhliziyo yami yonke;
ngihawukele ngokwezwi lakho.
Ngizindla ngezindlela zami;
izinyawo zami ngiziqondisa ebufakazini bakho.
Ngiyashesha,
angilibali ukugcina imiyalo yakho.
Nakuba izintambo zezikhohlakali zingithandela,
angikhohlwa ngumthetho wakho.
Phakathi kwamabili ngivuka ngikubonge
ngenxa yezehlulelo zakho ezilungileyo.
Ngingumngani wabo bonke abakwesabayo,
abagcina iziyalezo zakho.
Umhlaba ugcwele umusa wakho, Simakade;
ngifundise izimiso zakho.
Simakade, ngokwezwi lakho
wayenzela okuhle inceku yakho.
Ngifundise ukwehlulela kahle nokwazi,
ngokuba ngiyayikholwa imiyalo yakho.
Ngingakahlupheki ngaduka,
kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.
Umuhle Wena,
futhi wenza okuhle;
ngifundise izimiso zakho.
Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga;
ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke
iziyalezo zakho.
Inhliziyo yabo ilukhuni, abezwa lutho,
kodwa mina ngithokoza ngomthetho wakho.
Kwaba kuhle kimi ukuba ngihlushwe,
ukuze ngifunde izimiso zakho.
Umthetho womlomo wakho muhle
kunezinkulungwane zegolide nezesiliva.
Ngenziwe yizandla zakho, zangibumba,
ngiphe umqondo ukuze ngifunde imiyalo yakho.
Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona,
ngokuba ngethemba izwi lakho.
Ngiyazi Simakade,
ukuthi izehlulelo zakho zilungile,
nokuthi ngokwethembeka wangijezisa.
Umusa wakho mawube yinduduzo
encekwini yakho, ngokwezwi lakho.
Ububele bakho mabuze kimi,
ukuze ngiphile,
ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.
Abazikhukhumezayo mabajabhe,
ngokuba bangicindezela ngaphandle kwesizathu;
nokho mina ngizozindla ngeziyalezo zakho.
Abakwesabayo nababaziyo ubufakazi bakho
mabaphendukele kimi.
Inhliziyo yami mayibe msulwa
ezimisweni zakho,
ukuze ngingajabhi.
Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho;
ngiyalethemba izwi lakho.
Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi:
“Uyakungiduduza nini na?”
Noma senginjengemvaba entuthwini,
izimiso zakho angizikhohlwa.
Zingaki izinsuku zenceku yakho na?
Uyakubehlulela nini abangizingelayo na?
Abaqhoshayo bangimbela imigodi,
labo abaphambene nomthetho wakho.
Yonke imiyalo yakho yethembekile,
ngihlushwa ngaphandle kwesizathu; ngisize.
Bacishe bangiqeda emhlabeni,
kodwa angizishiyanga iziyalezo zakho.
Ngesihawu sakho hlenga impilo yami,
ukuze ngibugcine ubufakazi bakho
obusho ngomlomo wakho.
Simakade, izwi lakho
limi liqinile ezulwini,
kuze kube phakade.
Ezizukulwaneni ngezizukulwane
ukwethembeka kwakho kukhona;
wamisa umhlaba; usemi.
Ngokwezehlulelo zakho
kusekhona nanamuhla,
ngokuba konke kuyizinceku zakho.
Ukuba umthetho wakho
ubungesiyo intokozo yami,
ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.
Iziyalezo zakho angiyukuzikhohlwa
kuze kube phakade,
ngokuba ungiphilisile ngazo.
Ngingowakho, ngisindise,
ngokuba ngizifunile iziyalezo zakho.
Izikhohlakali zicuthele ukungibhubhisa,
kodwa mina ngigcina ubufakazi bakho.
Ngibonile ukuthi konke kunesiphetho,
kodwa umyalo wakho ubanzi kakhulu.
Umthetho wakho ngiwuthanda kakhulu.
Ngizindla ngawo usuku lonke.
Ngemiyalo yakho, ngiyahlakanipha kunezitha zami,
ngokuba inami kuze kube phakade.
Nginokuqonda okubedlula bonke abangifundisayo,
ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.
Ngiqonda ukwedlula izingwevu,
ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.
Ngiyazinqanda izinyawo zami
ezindleleni zonke zokubi,
ukuze ngigcine izwi lakho.
Ezehlulelweni zakho, angichezuki,
ngokuba Wena uyangifundisa.
Anambitheka kamnandi amazwi akho,
adlula uju emlonyeni wami.
Ngeziyalezo zakho ngizuza ukuqonda,
ngalokho-ke ngiyazizonda zonke izindlela zamanga.
Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami
nokukhanya endleleni yami.
Ngifungile,
futhi ngakuqinisekisa
ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo.
Simakade, ngihlupheka kakhulu,
ngiphilise ngokwezwi lakho.
Simakade, yamukela iminikelo yesihle
yomlomo wami,
ungifundise izehlulelo zakho.
Umphefumulo wami usesandleni sami njalo,
nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.
Izikhohlakali zingicuphile,
kepha angichezukanga eziyalezweni zakho.
Ubufakazi bakho buyifa lami laphakade,
ngokuba buwukuthokoza kwenhliziyo yami.
Inhliziyo yami ngiyinamathelise ekwenzeni
izimiso zakho,
kuze kube sekupheleni.
Ngiyabazonda abanhliziyo mbili,
kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.
Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami;
ngiyalethemba izwi lakho.
Sukani kimi, nina enenza okubi,
ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami.
Ngiphase ngokwezwi lakho,
ukuze ngiphile,
ngingajabhi ngethemba lami.
Ngisekele, ngize ngisindiswe,
ukuze ngiqikelele
ukugcina izimiso zakho njalo.
Uyabalahla bonke abachezuka ezimisweni zakho,
ngokuba ubuqili babo buyize.
Zonke izikhohlakali emhlabeni uzichitha njengamanyela,
ngalokho-ke ngiyabuthanda ubufakazi bakho.
Umzimba wami uyathuthumela
ngenxa yokukwesaba,
ngiyazesaba izehlulelo zakho.
Ngenze ubulungiswa nokulunga;
unganginikeli kwabangicindezelayo.
Qinisekisa inhlalakahle yenceku yakho;
ungabavumeli abazidlayo bangicindezele.
Amehlo ami alangazelela insindiso yakho
nezwi lokulunga kwakho.
Inceku yakho iphathe ngomusa wakho,
ungifundise izimiso zakho.
Ngiyinceku yakho;
ngiphe ingqondo
ukuba ngazi ubufakazi bakho.
Sekuyisikhathi sokuba uSimakade asukume,
ngokuba bawuphulile umthetho wakho.
Ngalokho ngiyayithanda imiyalo yakho kunegolide,
impela kunegolide elicwengekileyo.
Ngakho-ke ngiyavuma
ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile;
ngiyazizonda zonke izindlela zamanga.
Ubufakazi bakho buyamangalisa,
yingakho umphefumulo wami ubugcina.
Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya,
kuyabaqondisa abangenalwazi.
Ngivula umlomo wami, nginelukuluku,
ngokuba ngiyayilangazelela imiyalo yakho.
Bheka ngakimi,
ube nomusa kimi njengoba wenza
kwabathanda iGama lakho.
Izinyathelo zami ziqinise ezwini lakho;
mangingabuswa nayinye inkohlakalo.
Ngihlenge ekucindezelweni ngabantu,
ukuze ngizigcine iziyalezo zakho.
Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho,
ngifundise izimiso zakho.
Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami,
ngokuba abawugcini umthetho wakho.
Wena Simakade ulungile;
izehlulelo zakho ziqotho.
Ubufakazi bakho ubuqoke ngokulunga
nangokwethembeka okukhulu.
Ukushisekela kwami kungidlile,
ngokuba izitha zami zikhohliwe ngamazwi akho.
Izwi lakho lihloliwe kakhulu,
yingakho inceku yakho ilithanda.
Ngimncane, ngedelelekile;
nokho iziyalezo zakho angizilibali.
Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade;
umthetho wakho uyiqiniso.
Ukuhlupheka nosizi kungehlele;
imiyalo yakho iyintokozo yami.
Ukulunga kobufakazi bakho
kumi ingunaphakade;
ngiphe ukuqonda ukuze ngiphile.
Ngizwe Simakade,
ngikhala ngenhliziyo yami yonke;
ngizozigcina izimiso zakho.
Ngikhala kuwe, ngisindise;
ngizobugcina ubufakazi bakho.
Ngivuka ekuseni ngovivi ngikhale;
ngiyawethemba amazwi akho.
Ngiqwasha kuze kube kwesikabhadakazi,
ukuze ngizindle ngezwi lakho.
Simakade, yizwa izwi lami
ngokomusa wakho,
ungiphilise ngokwezehlulelo zakho.
Bayasondela abalandela inkohlakalo;
bakude nomthetho wakho.
Wena Simakade useduze;
imiyalo yakho yonke iyiqiniso.
Kade ngazi kwasemandulo ngobufakazi bakho
ukuthi ubusekele kuze kube phakade.
Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule,
ngokuba angiwukhohlwa umthetho wakho.
Mela indaba yami, ungihlenge,
ungiphilise ngokwezwi lakho.
Ukusindiswa kukude nezikhohlakali,
ngokuba azizifuni izimiso zakho.
Ububele bakho, Simakade, bukhulu;
ngiphilise ngokwezehlulelo zakho.
Abangizingelayo nabayizitha zami baningi,
kodwa angichezuki emiyalelweni yakho.
Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala,
ngokuba awaligcini izwi lakho.
Bheka ukuthi ngizithanda
kangakanani iziyalezo zakho, Simakade;
ngiphilise ngokomusa wakho.
Amazwi akho wonke ayiqiniso;
zonke izehlulelo zakho ezilungileyo
zimi kuze kube phakade.
Izikhulu zingizingela ngaphandle kwesizathu,
kodwa inhliziyo yami yesaba izwi lakho.
Ngiyathokoza ngezwi lakho
njengomuntu ejabulela impango eningi.
Amanga ngiyawazonda, futhi ngiyawenyanya,
kodwa ngiyawuthanda umthetho wakho.
Kasikhombisa ngosuku,
ngiyakudumisa ngezehlulelo zokulunga kwakho.
Abathanda umthetho wakho
banokuthula okukhulu;
akukho sikhubekiso kubo.
Simakade, ngethemba insindiso yakho,
futhi nemiyalo yakho ngiyayigcina.
Umphefumulo wami ugcina ubufakazi bakho;
ngibuthanda kakhulu.
Ngigcina iziyalezo zakho nemiyalo yakho,
ngokuba izindlela zami zonke
ziphambi kwakho.
Ukukhala kwami makufinyelele phambi
kwakho, Simakade;
ngiqondise ngokwezwi lakho.
Ukunxusa kwami makufinyelele phambi kwakho;
ngihlenge ngokwezwi lakho.
Umlomo wami mawuchichime indumiso,
ngokuba uyangifundisa izimiso zakho.
Ulimi lwami malukhulume izwi lakho,
ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile.
Isandla sakho masibe lusizo kimi,
ngokuba ngikhethe iziyalezo zakho.
Ngiyayilangazelela
insindiso yakho, Simakade;
umthetho wakho uyintokozo yami.
Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise;
izehlulelo zakho mazingisize.
Ngiduka njengemvu elahlekileyo;
funa inceku yakho,
ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.