AmaHubo 119:1-176

AmaHubo 119:1-176 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Babusisiwe abandlela iqotho, abahamba ngomthetho kaSimakade. Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, abamfuna ngenhlizyo epheleleyo, abangakwenzi okungalungile, kodwa abahamba ezindleleni zakhe. Uyalile ukuba izimiso zakho zigcinwe impela. Sengathi izindlela zami zingagxila ekugcineni izimiso zakho; khona ngingeyukujabha, lapho ngihlonipha yonke imiyalelo yakho. Ngizakukubonga ngenhliziyo eqotho, lapho ngifunda izehlulelo zakho ezilungileyo. Ngizozigcina izimiso zakho; uze ungangishiyi. Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke, mangingaphambuki emiyalweni yakho. Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. Mawubongwe Wena Simakade, ungifundise izimiso zakho. Ngomlomo wami ngimemezele zonke izehlulelo zomlomo wakho. Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho kungathi ngethabela ingcebo. Ngizozindla ngeziyalezo zakho, ngizihloniphe izindlela zakho. Ngizothokoza ngezimiso zakho; angiyukulikhohlwa izwi lakho. Yenzele okuhle inceku yakho, ukuze ngiphile, ngigcine izwi lakho. Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso ezisemthethweni wakho. Ngingumfokazi emhlabeni, ungangifihleli imiyalo yakho. Umphefumulo wami waphukile, ngokuba ngihlala ngilangazelela izehlulelo zakho. Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho. Susa kimi inhlamba nokweyiswa, ngokuba ngibugcinile ubufakazi bakho. Noma izikhulu zihlala zikhuluma ngami; inceku yakho izindla ngezimiso zakho. Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumeluleki wami. Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. Ngimemezele izindlela zami, Wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho. Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho. Umphefumulo wami uyakhala ngenxa yosizi; ngiqinise ngokwezwi lakho. Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho. Ngiyikhethile indlela yeqiniso; izehlulelo zakho ngizibeke phambi kwami. Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Simakade. Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakungivumela ukuba ngenze kanjalo. Simakade, ngikhombise indlela yezimiso zakho; ngizoyigcina kuze kube sekugcineni. Ngiphe ingqondo, ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke. Ngihambise endleleni yemiyalo yakho, ngokuba ngiyathokoza ngayo. Inhliziyo yami yiguqulele ebufakazini bakho, ukuze ngingafuni nzuzo ngokungalungile. Phendula amehlo ami angakuboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho. Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakho eyenza ukuba wesatshwe. Dlulisa kimi inhlamba engiyesabayo, ngokuba izehlulelo zakho zinhle. Ngilangazelela iziyalezo zakho; ngokulunga kwakho ngiphilise. Umusa wakho mawuze kimi, Simakade, insindiso yakho ngokwezwi lakho. Khona ngiyakumphendula ongichukuluzayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho. Ungalisusi emlonyeni wami izwi leqiniso, ngokuba ngiyazethemba izehlulelo zakho. Khona ngiyowugcina njalo umthetho wakho, kuze kube phakade. Ngizohamba ngenkululeko, ngokuba ngifuna iziyalezo zakho. Ngizokhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi. Ngiyathokoza ngemiyalo yakho engiyithandayo. Ngiyakuyihlonipha imiyalo yakho, engiyithandayo, futhi ngizozindla ngezimiso zakho. Khumbula izwi owalisho encekwini yakho, owangenza ngalo ngaba nethemba. Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki. Ngiyazikhumbula Simakade, izehlulelo zakho zasendulo; ngiyaduduzeka. Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho. Izimiso zakho zaba yizihlabelelo kimi, endlini yokugogobala kwami. Simakade, ebusuku ngikhumbula igama lakho, ngigcine umthetho wakho. Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngizigcinile iziyalezo zakho. USimakade uyisabelo sami; ngithi amazwi akho ngizowagcina. Ngincenga umusa wakho ngenhliziyo yami yonke; ngihawukele ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami; izinyawo zami ngiziqondisa ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Nakuba izintambo zezikhohlakali zingithandela, angikhohlwa ngumthetho wakho. Phakathi kwamabili ngivuka ngikubonge ngenxa yezehlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngani wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Simakade; ngifundise izimiso zakho. Simakade, ngokwezwi lakho wayenzela okuhle inceku yakho. Ngifundise ukwehlulela kahle nokwazi, ngokuba ngiyayikholwa imiyalo yakho. Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho. Umuhle Wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho. Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga; ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke iziyalezo zakho. Inhliziyo yabo ilukhuni, abezwa lutho, kodwa mina ngithokoza ngomthetho wakho. Kwaba kuhle kimi ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho. Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva. Ngenziwe yizandla zakho, zangibumba, ngiphe umqondo ukuze ngifunde imiyalo yakho. Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho. Ngiyazi Simakade, ukuthi izehlulelo zakho zilungile, nokuthi ngokwethembeka wangijezisa. Umusa wakho mawube yinduduzo encekwini yakho, ngokwezwi lakho. Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami. Abazikhukhumezayo mabajabhe, ngokuba bangicindezela ngaphandle kwesizathu; nokho mina ngizozindla ngeziyalezo zakho. Abakwesabayo nababaziyo ubufakazi bakho mabaphendukele kimi. Inhliziyo yami mayibe msulwa ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho. Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?” Noma senginjengemvaba entuthwini, izimiso zakho angizikhohlwa. Zingaki izinsuku zenceku yakho na? Uyakubehlulela nini abangizingelayo na? Abaqhoshayo bangimbela imigodi, labo abaphambene nomthetho wakho. Yonke imiyalo yakho yethembekile, ngihlushwa ngaphandle kwesizathu; ngisize. Bacishe bangiqeda emhlabeni, kodwa angizishiyanga iziyalezo zakho. Ngesihawu sakho hlenga impilo yami, ukuze ngibugcine ubufakazi bakho obusho ngomlomo wakho. Simakade, izwi lakho limi liqinile ezulwini, kuze kube phakade. Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukwethembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi. Ngokwezehlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho. Ukuba umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami. Iziyalezo zakho angiyukuzikhohlwa kuze kube phakade, ngokuba ungiphilisile ngazo. Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngizifunile iziyalezo zakho. Izikhohlakali zicuthele ukungibhubhisa, kodwa mina ngigcina ubufakazi bakho. Ngibonile ukuthi konke kunesiphetho, kodwa umyalo wakho ubanzi kakhulu. Umthetho wakho ngiwuthanda kakhulu. Ngizindla ngawo usuku lonke. Ngemiyalo yakho, ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade. Nginokuqonda okubedlula bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho. Ngiqonda ukwedlula izingwevu, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho. Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi, ukuze ngigcine izwi lakho. Ezehlulelweni zakho, angichezuki, ngokuba Wena uyangifundisa. Anambitheka kamnandi amazwi akho, adlula uju emlonyeni wami. Ngeziyalezo zakho ngizuza ukuqonda, ngalokho-ke ngiyazizonda zonke izindlela zamanga. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo. Simakade, ngihlupheka kakhulu, ngiphilise ngokwezwi lakho. Simakade, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izehlulelo zakho. Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, nokho umthetho wakho angiwukhohlwa. Izikhohlakali zingicuphile, kepha angichezukanga eziyalezweni zakho. Ubufakazi bakho buyifa lami laphakade, ngokuba buwukuthokoza kwenhliziyo yami. Inhliziyo yami ngiyinamathelise ekwenzeni izimiso zakho, kuze kube sekupheleni. Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyalethemba izwi lakho. Sukani kimi, nina enenza okubi, ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami. Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami. Ngisekele, ngize ngisindiswe, ukuze ngiqikelele ukugcina izimiso zakho njalo. Uyabalahla bonke abachezuka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize. Zonke izikhohlakali emhlabeni uzichitha njengamanyela, ngalokho-ke ngiyabuthanda ubufakazi bakho. Umzimba wami uyathuthumela ngenxa yokukwesaba, ngiyazesaba izehlulelo zakho. Ngenze ubulungiswa nokulunga; unganginikeli kwabangicindezelayo. Qinisekisa inhlalakahle yenceku yakho; ungabavumeli abazidlayo bangicindezele. Amehlo ami alangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho. Inceku yakho iphathe ngomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho. Sekuyisikhathi sokuba uSimakade asukume, ngokuba bawuphulile umthetho wakho. Ngalokho ngiyayithanda imiyalo yakho kunegolide, impela kunegolide elicwengekileyo. Ngakho-ke ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazizonda zonke izindlela zamanga. Ubufakazi bakho buyamangalisa, yingakho umphefumulo wami ubugcina. Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya, kuyabaqondisa abangenalwazi. Ngivula umlomo wami, nginelukuluku, ngokuba ngiyayilangazelela imiyalo yakho. Bheka ngakimi, ube nomusa kimi njengoba wenza kwabathanda iGama lakho. Izinyathelo zami ziqinise ezwini lakho; mangingabuswa nayinye inkohlakalo. Ngihlenge ekucindezelweni ngabantu, ukuze ngizigcine iziyalezo zakho. Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho. Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho. Wena Simakade ulungile; izehlulelo zakho ziqotho. Ubufakazi bakho ubuqoke ngokulunga nangokwethembeka okukhulu. Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe ngamazwi akho. Izwi lakho lihloliwe kakhulu, yingakho inceku yakho ilithanda. Ngimncane, ngedelelekile; nokho iziyalezo zakho angizilibali. Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso. Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami. Ukulunga kobufakazi bakho kumi ingunaphakade; ngiphe ukuqonda ukuze ngiphile. Ngizwe Simakade, ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizozigcina izimiso zakho. Ngikhala kuwe, ngisindise; ngizobugcina ubufakazi bakho. Ngivuka ekuseni ngovivi ngikhale; ngiyawethemba amazwi akho. Ngiqwasha kuze kube kwesikabhadakazi, ukuze ngizindle ngezwi lakho. Simakade, yizwa izwi lami ngokomusa wakho, ungiphilise ngokwezehlulelo zakho. Bayasondela abalandela inkohlakalo; bakude nomthetho wakho. Wena Simakade useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso. Kade ngazi kwasemandulo ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade. Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angiwukhohlwa umthetho wakho. Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho. Ukusindiswa kukude nezikhohlakali, ngokuba azizifuni izimiso zakho. Ububele bakho, Simakade, bukhulu; ngiphilise ngokwezehlulelo zakho. Abangizingelayo nabayizitha zami baningi, kodwa angichezuki emiyalelweni yakho. Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho. Bheka ukuthi ngizithanda kangakanani iziyalezo zakho, Simakade; ngiphilise ngokomusa wakho. Amazwi akho wonke ayiqiniso; zonke izehlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade. Izikhulu zingizingela ngaphandle kwesizathu, kodwa inhliziyo yami yesaba izwi lakho. Ngiyathokoza ngezwi lakho njengomuntu ejabulela impango eningi. Amanga ngiyawazonda, futhi ngiyawenyanya, kodwa ngiyawuthanda umthetho wakho. Kasikhombisa ngosuku, ngiyakudumisa ngezehlulelo zokulunga kwakho. Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo. Simakade, ngethemba insindiso yakho, futhi nemiyalo yakho ngiyayigcina. Umphefumulo wami ugcina ubufakazi bakho; ngibuthanda kakhulu. Ngigcina iziyalezo zakho nemiyalo yakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho. Ukukhala kwami makufinyelele phambi kwakho, Simakade; ngiqondise ngokwezwi lakho. Ukunxusa kwami makufinyelele phambi kwakho; ngihlenge ngokwezwi lakho. Umlomo wami mawuchichime indumiso, ngokuba uyangifundisa izimiso zakho. Ulimi lwami malukhulume izwi lakho, ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile. Isandla sakho masibe lusizo kimi, ngokuba ngikhethe iziyalezo zakho. Ngiyayilangazelela insindiso yakho, Simakade; umthetho wakho uyintokozo yami. Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; izehlulelo zakho mazingisize. Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.

AmaHubo 119:1-176 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova. Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke, abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe; wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela. Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho. Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho. Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo, lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo. Izimiso zakho ngiyakuzigcina; ungangishiyi nakanci. Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho. Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. Mawubongwe wena Jehova, ungifundise izimiso zakho. Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho. Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo. Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho. Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho. Yenzele okuhle inceku yakho ukuba ngiphile, ngigcine izwi lakho. Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho. Ngingumfokazi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho. Umphefumulo wami waphukile ngokulangazelela njalo izahlulelo zakho. Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho. Susa kimi isihlamba nokudelelwa, ngokuba ngiyaqaphela ubufakazi bakho. Yebo, izikhulu zihlezi zikhuluma ngami; inceku yakho iyazindla ngezimiso zakho. Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumluleki wami. Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. Ngimemezele izindlela zami, wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho. Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho. Umphefumulo wami uyakhala ngosizi; ngivuse ngokwezwi lakho. Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho. Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami. Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Jehova. Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakwandisa inhliziyo yami. Ngitshengise, Jehova, indlela yezimiso zakho; ngiyakuyigcina kuze kube sekupheleni. Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke. Ngihambise endleleni yemiyalo yakho, ngokuba ngiyathokoza ngayo. Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, kungabi sekuhaheni. Phendula amehlo ami, angaboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho. Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakho eyenza ukuba wesatshwe. Dlulisa isihlamba engisesabayo, ngokuba izahlulelo zakho zinhle. Bheka, ngiyalangazelela iziyalezo zakho; ngiphilise ngokulunga kwakho. Mawuze kimi umusa wakho, Jehova, insindiso yakho ngokwezwi lakho. Khona ngiyakumphendula ongithukayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho. Ungalisusi emlonyeni wami ngokupheleleyo izwi leqiniso, ngokuba ngiyethemba izahlulelo zakho. Khona ngiyakuwugcina njalo umthetho wakho, yebo, kuze kube phakade. Ngiyakuhamba endaweni ebanzi, ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna. Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi. Ngiyakuthokoza ngemiyalo yakho engiyithandileyo. Ngiyakuphakamisela izandla zami kuyo imiyalo yakho engiyithandileyo, ngizindle ngezimiso zakho. Khumbula izwi encekwini yakho owangipha ithemba ngalo. Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki. Ngiyakhumbula izahlulelo zakho zasendulo, Jehova; ngiyaduduzeka. Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho. Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakho endlini yokugogobala kwami. Ebusuku ngikhumbula igama lakho, Jehova, ngigcina umthetho wakho. Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngagcina iziyalezo zakho. UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho. Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Izintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubonge ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova; ngifundise izimiso zakho. Uyenzele inceku yakho okuhle, Jehova, ngokwezwi lakho. Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho. Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho. Umuhle wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho. Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho. Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho; kepha mina ngithokoza ngomthetho wakho. Kwangilungela ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho. Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva. Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho. Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho. Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile nokuthi wangilaya ngokuthembeka. Umusa wakho mawube yinduduzo encekwini yakho ngokwezwi lakho. Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami. Abazidlayo mabajabhe, ngokuba bangicindezele, kungekho sizathu; kepha mina ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho. Mabaphendukele kimi abakwesabayo nabaziyo ubufakazi bakho. Inhliziyo yami mayiphelele ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho. Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?” Nginjengemvaba emsini; izimiso zakho angizikhohlwa. Zingaki izinsuku zenceku yakho? Uzakubahlulela nini abangizingelayo na? Abazidlayo bangimbela imigodi, bona abaphambene nomthetho wakho. Yonke imiyalo yakho ithembekile; bayangizingela ngamanga; ngisize. Bacishe bangiqeda emhlabeni, kepha angishiyanga iziyalezo zakho. Ngiphilise ngokomusa wakho, ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho. Kuze kube phakade, Jehova, izwi lakho limi liqinile ezulwini. Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukuthembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi. Ngokwezahlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho. Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami. Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho, ngokuba ungiphilisile ngazo. Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho. Ababi bahlalele ukungibhubhisa, kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho. Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke, kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu. Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo. Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade. Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho. Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho. Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi, ukuze ngigcine izwi lakho. Ezahlulelweni zakho angichezuki, ngokuba wena uyangifundisa. Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami; adlula izinyosi emlonyeni wami. Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina. Ngiyahlupheka kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho. Jehova, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izahlulelo zakho: Umphefumulo wami usesandleni sami njalo; nokho umthetho wakho angiwukhohlwa. Ababi bangibekele ugibe, kepha angiduki eziyalezweni zakho. Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami. Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza izimiso zakho njalo, yebo, kuze kube sekupheleni. Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyethemba izwi lakho. Sukani kimi nina enenza okubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami. Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami. Ngisekele, ngize ngisindiswe, ngibheke njalo izimiso zakho. Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize. Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva; ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho. Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe, ngiyesaba izahlulelo zakho. Ngiyenza ukwahlulela nokulunga; unganginikeli kubo abahluphi bami. Mela inceku yakho kube kuhle; abazidlayo mabangangicindezeli. Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho. Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho. Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza, ngokuba bawenz' ize umthetho wakho. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo. Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga. Ubufakazi bakho buyisimangaliso; ngalokho umphefumulo wami uyabugcina. Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi. Ngivula umlomo wami, ngikhefuzela, ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho. Bheka kimi, ube nomusa kimi njengokufanele abathanda igama lakho. Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho; makungangibusi nobubodwa ububi. Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu, ukuze ngigcine iziyalezo zakho. Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho. Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami, ngokuba abagcini umthetho wakho. Wena Jehova ulungile; izahlulelo zakho ziqotho. Uyalezile ubufakazi bakho ngokulunga ngokuthembeka okukhulu. Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho. Izwi lakho licwebile kakhulu; ngalokho inceku yakho iyalithanda. Ngimncane, ngidelelekile; iziyalezo zakho angizikhohlwa. Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso. Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami. Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade; ngiphe ukuqonda ukuba ngiphile. Ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizwe, Jehova; izimiso zakho ngiyakuzigcina. Ngikhala kuwe, ngisindise; ngiyakugcina ubufakazi bakho. Ngiyandulela uvivi lokusa ngikhala; ngiyethemba amazwi akho. Amehlo ami ayandulela imilindo yobusuku ukuba ngizindle ngezwi lakho. Yizwa izwi lami ngokomusa wakho, Jehova, ungiphilise ngokwezahlulelo zakho. Bayasondela abalandela ukonakala; bakude nomthetho wakho. Wena Jehova useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso. Kudala ngazile ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade. Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho. Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho. Ukusindiswa kukude nababi, ngokuba abafuni izimiso zakho. Ububele bakho, Jehova, bukhulu; ngiphilise ngokwezahlulelo zakho. Abangizingelayo nabayizitha kimi baningi; kepha ebufakazini bakho angichezuki. Lapho ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awagcini izwi lakho. Bheka ukuthi ngithanda kangaka iziyalezo zakho, Jehova; ngiphilise ngokomusa wakho. Amazwi akho onke ayiqiniso; zonke izahlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade. Izikhulu ziyangizingela, kungekho sizathu, kepha inhliziyo yami iyesaba izwi lakho. Ngithokoza ngezwi lakho njengozuza impango enkulu. Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya; umthetho wakho ngiyawuthanda. Kasikhombisa ngosuku ngiyakudumisa ngezahlulelo zokulunga kwakho. Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo. Ngiyethemba insindiso yakho, Jehova; imiyalo yakho ngiyayenza. Umphefumulo wami uyagcina ubufakazi bakho; ngiyabuthanda kakhulu. Ngiyagcina iziyalezo zakho nobufakazi bakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho. Ukukhala kwami makusondele ebusweni bakho, Jehova; ngiqondise ngokwezwi lakho. Ukuncenga kwami makuze ebusweni bakho; ngihlenge ngokwezwi lakho. Umlomo wami mawuchichime indumiso, ngokuba uyangifundisa izimiso zakho. Ulimi lwami malukhulume izwi lakho, ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile. Isandla sakho masibe lusizo kimi, ngokuba ngikhethile iziyalezo zakho. Ngiyalangazelela insindiso yakho, Jehova; umthetho wakho uyintokozo yami. Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; izahlulelo zakho mazingisize. Ngiyaduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angikhohlwa imiyalo yakho.

AmaHubo 119:1-176 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

I-ALEPH. Ubusisiwe osendleleni engenabala, ohamba emthethweni kaJehova. Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe futhi abamfunayo ngenhliziyo yabo yonke. Futhi abenzi ububi; bahamba ezindleleni zakhe. Wasiyala ukuba sigcine imiyalo yakho eduze. Sengathi izindlela zami beziqondile ukugcina izimiso zakho! Khona angiyikujabha, uma ngigcina yonke imiyalo yakho. Ngizakudumisa ngobuqotho benhliziyo lapho sengizazi izimiso zakho ezilungileyo. Ngiyakugcina izimiso zakho; ungangishiyi ngokuphelele BETH. Insizwa iyakuyihlanza ngani indlela yayo na? ngokuyinaka ngokwezwi lakho. Ngakufuna ngenhliziyo yami yonke; ungangivumeli ngiduke emiyalweni yakho. Izwi lakho ngalifihla enhliziyweni yami, ukuze ngingoni kuwe. Ubusisiwe wena Jehova, ngifundise izimiso zakho. Ngezindebe zami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho. Ngiyathokoza ngendlela yobufakazi bakho njengengcebo yonke. Ngiyakuzindla ngemiyalo yakho, ngihloniphe izindlela zakho. Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho. AMAGILI. Yenza kahle encekwini yakho, ukuze ngiphile, ngigcine izwi lakho. Vula amehlo ami, ukuze ngibone izimangaliso ezivela emthethweni wakho. Ngiyisihambi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho. Umphefumulo wami uphukile ngenxa yokulangazelela njalo izahlulelo zakho. Ubakhuzile abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho. Susa kimi isihlamba nokudelelwa; ngoba ngigcinile ubufakazi bakho. Izikhulu zahlala zakhuluma ngami, kepha inceku yakho yazindla izimiso zakho. Ubufakazi bakho futhi buyintokozo yami nabeluleki bami. IDALETH. Umphefumulo wami unamathele othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. Ngizazisile izindlela zami, wangilalela; ngifundise izimiso zakho. Ngivumele ngiqonde indlela yemiyalo yakho; ngakho ngizakhuluma ngezimangaliso zakho. Umphefumulo wami uyaphela ngosizi; ngiqinise ngokwezwi lakho. Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho. Ngiyikhethile indlela yeqiniso, ngibekile izahlulelo zakho phambi kwami. Ngibambelele ebufakazini bakho: Jehova, ungangijabhisi. Ngizohamba ngendlela yemiyalo yakho, uma uyenza banzi inhliziyo yami. HE. Ngifundise, Jehova, indlela yezimiso zakho; futhi ngizoyigcina kuze kube sekupheleni. Ngiqondise, ngigcine umthetho wakho; yebo, ngizoyigcina ngenhliziyo yami yonke. Ngivumele ngihambe ngendlela yemiyalo yakho; ngoba ngithokozile ngakho. Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, hhayi ekuhaheni. Susa amehlo ami angaboni okuyize; ungenze ngiphile endleleni yakho. Qinisekisa izwi lakho encekwini yakho, eyesaba wena. Susa ihlazo lami engiyesabayo, ngokuba izahlulelo zakho zinhle. Bheka, ngiyayilangazelela imiyalo yakho; ngiphilise ngokulunga kwakho. VAU. Makube phezu kwami umusa wakho, Jehova, insindiso yakho ngokwezwi lakho. Ngakho ngizakwazi ukumphendula ongithukayo, ngoba ngithemba ilizwi lakho. Futhi ungalisusi izwi leqiniso emlonyeni wami; ngoba ngiyethemba izahlulelo zakho. Ngakho ngiyakuwugcina umthetho wakho kuze kube phakade. Ngizahamba ngikhululekile, ngoba ngidinga iziyalezo zakho. Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi. Ngiyakuthokoza ngemiyalo yakho engiyithandileyo. Ngiyakuphakamisela izandla zami emiyalweni yakho engiyithandayo; ngiyakuzindla ngezimiso zakho. ZAIN. Khumbula izwi ongenze ngalithemba encekwini yakho. Lokhu kuyinduduzo yami ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. Abazidlayo bangiklolodela kakhulu, kepha mina angichezuki emthethweni wakho. Ngacabanga izahlulelo zakho zasendulo, Jehova; futhi ngiziduduze. Ingebhe ingibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho. Izimiso zakho zaziyizingoma zami endlini yokugogobala kwami. Ngakhumbula igama lakho, Jehova, ebusuku, ngagcina umthetho wakho. Lokhu nganginakho, ngokuba ngigcine imiyalo yakho. CHETH. Wena uyisabelo sami, Jehova, ngishilo ukuthi ngiyakugcina amazwi akho. Ngakuncenga ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho. Ngazikhumbula izindlela zami, ngabuyisela izinyawo zami ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angehluleka ukugcina imiyalo yakho. Izixuku zababi zingigezile, kepha angikhohlwa umthetho wakho. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikudumise ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, nowabagcina imiyalo yakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova; ngifundise izimiso zakho. IZIKHATHI. Wenze kahle encekwini yakho, Jehova, njengezwi lakho. Ngifundise ukwahlulela okuhle nokwazi, ngokuba ngiyakholwa imiyalo yakho. Ngingakacindezelwa, ngaduka, kepha manje ngiyaligcina izwi lakho. Wena umuhle futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho. Abazidlayo bangiqambele amanga, kepha mina ngiyakugcina imiyalo yakho ngayo yonke inhliziyo yami. Inhliziyo yabo ikhuluphele njengamanoni; kepha mina ngiyathokoza ngomthetho wakho. Kuhle kimi ukuthi ngicindezelwe; ukuze ngifunde izimiso zakho. Umthetho womlomo wakho muhle kimi kunezinkulungwane zegolide nesiliva. JOD. Izandla zakho zangenza, zangibumba; ngiphe ukuqonda, ukuze ngifunde imiyalo yakho. Labo abakwesabayo bayojabula lapho bengibona; ngoba ngethemba ilizwi lakho. Ngiyazi, Jehova, ukuthi izahlulelo zakho zilungile, nokuthi ungicindezele ngokwethembeka. Umusa wakho mawube yinduduzo kimi njengokwezwi lakho encekwini yakho. Umusa wakho mawuze phezu kwami, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami. Abazidlayo mabajabhe; ngokuba bangiphathe kabi ngeze, kepha ngiyakuqaphela imiyalo yakho. Abakwesabayo mabaphendukele Kimi nalabo abazi ubufakazi bakho. Inhliziyo yami mayiphile ngezimiso zakho; ukuthi kangilanhloni. CAPH. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho, kepha ngethemba izwi lakho. Amehlo ami ayaphela ezwini lakho ngokuthi: Uzangiduduza nini? Ngokuba senginjengegabha emsini; nokho angizikhohlwa izimiso zakho. Zingaki izinsuku zenceku yakho na? uyakubahlulela nini abangizingelayo na? Abazidlayo bangimbele imigodi ephambene nomthetho wakho. Yonke imiyalo yakho ithembekile; bayangizingela ngokungafanele; uyangisiza Bacishe bangiqeda emhlabeni; kepha angiyishiyanga imiyalo yakho. Ngiphilise ngokomusa wakho; kanjalo ngiyakugcina ubufakazi bomlomo wakho. UKUKHUBAZEKA. Kuze kube phakade, Jehova, izwi lakho liqinile ezulwini. Ukuthembeka kwakho kuvela ezizukulwaneni ngezizukulwane; wawusekela umhlaba, umi. Namuhla baphila ngokwezimiso zakho, ngokuba zonke ziyizinceku zakho. Uma umthetho wakho ubungemnandi kimi, ngabe ngibhubhele osizini lwami. Angiyikukhohlwa phakade imiyalo yakho, ngokuba wangiphilisa ngayo. Ngingowakho, ngisindise; ngoba ngifunile iziyalezo zakho. Ababi bangilindele ukuba ngizichithe, kepha mina ngiyakuqaphela ubufakazi bakho. Ngibonile ukuphela kwakho konke ukuphelela, kepha umyalo wakho ubanzi kakhulu. MEM. O, yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! lokhu kungukuzindla kwami usuku lonke. Ungenze ngahlakanipha kunezitha zami ngemiyalo yakho, ngokuba inami njalo. Ngiyaqonda kunabo bonke abafundisi bami, ngokuba izifakazelo zakho ziyikuzindla kwami. Ngiyaqonda kunabadala, ngokuba ngiyagcina imiyalo yakho. Ngizinqandile izinyawo zami kuzo zonke izindlela ezimbi, ukuze ngigcine izwi lakho. Angichezuki ezahlulelweni zakho, ngokuba ungifundisile. Amnandi kangakanani amazwi akho emlonyeni wami! yebo, imnandi kunezinyosi emlonyeni wami. Ngemiyalo yakho ngiyazuza ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zenkohliso. MANJE. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. Ngifungile, ngizakugcwalisa, ukuthi ngizagcina izahlulelo zakho ezilungileyo. Ngicindezelwe kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho. Yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, Jehova, ungifundise izahlulelo zakho. Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, kepha umthetho wakho angiwukhohlwa. Ababi bangibekele ugibe, kepha angidukanga emiyalweni yakho. Ngidle ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kungukuthokoza kwenhliziyo yami. Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza njalo izimiso zakho, kuze kube sekupheleni. SAMECH. Ngiyayizonda imicabango eyize, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; Ngethemba izwi Lakho. Sukani kimi nina benzi bokubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami. Ngisekele ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ungangijabhisi ngethemba lami. Ngisekele, ngizakusindiswa, ngigcine izimiso zakho njalo. Ubanyathele phansi bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba inkohliso yabo ingamanga. Uyababhubhisa bonke ababi bomhlaba njengobibi; ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho. Inyama yami iyathuthumela ngenxa yakho; futhi ngiyazesaba izahlulelo Zakho. AIN. Ngenzé ubulungisa nokulunga; ungangishiyi kubacindezeli bami. Igcine kahle inceku yakho; abazidlayo mabangangicindezeli. Amehlo ami ayaphela ekusindisweni kwakho nasezwini lokulunga kwakho. Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo, ukuze ngazi ubufakazi bakho. Yisikhathi sakho, Jehova, sokuba usebenze, ngokuba umthetho wakho bawenzile ize. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide; yebo, ngaphezu kwegolide elihle. Ngakho ngibheka yonke imiyalo yakho ngakho konke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga. PE. Ubufakazi bakho buyamangalisa; ngalokho umphefumulo wami uyawagcina. Ukufakwa kwamazwi akho kuyakhanyisa; kunikeza ukuqonda kwabangenalwazi. Ngavula umlomo wami ngakhamisa, ngokuba ngilangazelela imiyalo yakho. Bheka kimi, ube nomusa kimi, njengalokho ujwayele ukwenza kwabathanda igama lakho. Hamba ezinyathelweni zami ngokwezwi lakho, makungabuswa ububi phezu kwami. Ngisindise ekucindezelweni kwabantu, ukuze ngigcine imiyalo yakho. Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ungifundise izimiso zakho. Kugeleza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho. TZADDI. Ulungile wena Jehova, ziqotho izahlulelo zakho. Ubufakazi bakho owaziyalayo bulungile futhi buthembekile kakhulu. Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho. Izwi lakho lihlanzekile impela; ngalokho inceku yakho iyayithanda. Ngimncane, ngidelelekile; nokho angikhohlwa imiyalo yakho. Ukwahlulela kwakho kungukulunga kwaphakade, nomthetho wakho uyiqiniso. Usizi nosizi kungibambile, kepha imiyalo yakho iyinjabulo yami. Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade; ngiqondise, ngiphile. IKHANDA. Ngakhala ngenhliziyo yami yonke; ngilalele, Jehova, ngiyakugcina izimiso zakho. Ngabiza wena; ngisindise, ngigcine ubufakazi bakho. Ngaphambi kokuntwela kokusa, ngakhala; ngiyethemba izwi lakho. Amehlo ami avala umlindo wobusuku, ukuze ngicabange ngelizwi lakho. Yizwa izwi lami ngokokulunga kwakho, Jehova, ngiphilise ngokwesahlulelo sakho. Basondela abalandela okubi; bakude nomthetho wakho. Useduze, Jehova; nemiyalo yakho yonke iyiqiniso. Ngobufakazi bakho ngangazi kwasekuqaleni ukuthi ubuzimisa kuze kube phakade. RESH. Bheka ukuhlupheka kwami, ungisindise, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho. Mela indaba yami, ungisindise; ngiphilise ngokwezwi lakho. Insindiso ikude nababi, ngokuba abafuni izimiso zakho. Ububele bakho bukhulu, Jehova; ngiphilise ngokwezimiso zakho. Baningi abangizingelayo nezitha zami; nokho angichezuki ebufakazini bakho. Ngabona abenzi bobubi, ngadabuka; ngoba kabaligcinanga ilizwi lakho. Bheka ukuthi ngiyithanda kanjani imiyalo yakho; Jehova, ngiphilise ngokomusa wakho. Izwi lakho liqinisile kwasekuqaleni, nezimiso zakho zokulunga zimi phakade. SCHIN. Izikhulu zingizingele ngaphandle kwesizathu, kepha inhliziyo yami iyesaba izwi lakho. Ngiyathokoza ngezwi lakho njengozuza impango enkulu. Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Kasikhombisa ngosuku ngiyakudumisa ngezahlulelo zakho zokulunga. Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu, kakukho okubakhubekisayo. Jehova, ngiyethemba insindiso yakho, ngenza imiyalo yakho. Umphefumulo wami uyagcina ubufakazi bakho; futhi ngibathanda kakhulu. Ngiyayigcina imiyalo yakho nobufakazi bakho, ngokuba zonke izindlela zami ziphambi kwakho. TAU. Ukukhalela kwami usizo makusondele phambi kobuso bakho, Jehova; ngiqondise ngokwezwi lakho. Ukuncenga kwami makuze phambi kobuso bakho; ngisindise ngokwezwi lakho. Izindebe zami ziyakukhuluma indumiso lapho ungifundisa izimiso zakho. Ulimi lwami luyakukhuluma izwi lakho, ngokuba yonke imiyalo yakho ilungile. Isandla sakho masingisize; ngoba ngikhethile iziyalezo zakho. Ngilangazelela insindiso yakho, Jehova; nomthetho wakho uyintokozo yami. Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; futhi izahlulelo zakho mazingisize. Ngidukile njengemvu elahlekile; funa inceku yakho; ngoba kangiyikhohlwa imithetho yakho.

AmaHubo 119:1-176

AmaHubo 119:1-176 ZUL59AmaHubo 119:1-176 ZUL59AmaHubo 119:1-176 ZUL59