AmaHubo 119:1-176

AmaHubo 119:1-176 ZUL59

Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova. Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke, abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe; wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela. Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho. Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho. Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo, lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo. Izimiso zakho ngiyakuzigcina; ungangishiyi nakanci. Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho. Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. Mawubongwe wena Jehova, ungifundise izimiso zakho. Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho. Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo. Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho. Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho. Yenzele okuhle inceku yakho ukuba ngiphile, ngigcine izwi lakho. Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho. Ngingumfokazi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho. Umphefumulo wami waphukile ngokulangazelela njalo izahlulelo zakho. Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho. Susa kimi isihlamba nokudelelwa, ngokuba ngiyaqaphela ubufakazi bakho. Yebo, izikhulu zihlezi zikhuluma ngami; inceku yakho iyazindla ngezimiso zakho. Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumluleki wami. Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. Ngimemezele izindlela zami, wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho. Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho. Umphefumulo wami uyakhala ngosizi; ngivuse ngokwezwi lakho. Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho. Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami. Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Jehova. Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakwandisa inhliziyo yami. Ngitshengise, Jehova, indlela yezimiso zakho; ngiyakuyigcina kuze kube sekupheleni. Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke. Ngihambise endleleni yemiyalo yakho, ngokuba ngiyathokoza ngayo. Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, kungabi sekuhaheni. Phendula amehlo ami, angaboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho. Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakho eyenza ukuba wesatshwe. Dlulisa isihlamba engisesabayo, ngokuba izahlulelo zakho zinhle. Bheka, ngiyalangazelela iziyalezo zakho; ngiphilise ngokulunga kwakho. Mawuze kimi umusa wakho, Jehova, insindiso yakho ngokwezwi lakho. Khona ngiyakumphendula ongithukayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho. Ungalisusi emlonyeni wami ngokupheleleyo izwi leqiniso, ngokuba ngiyethemba izahlulelo zakho. Khona ngiyakuwugcina njalo umthetho wakho, yebo, kuze kube phakade. Ngiyakuhamba endaweni ebanzi, ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna. Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi. Ngiyakuthokoza ngemiyalo yakho engiyithandileyo. Ngiyakuphakamisela izandla zami kuyo imiyalo yakho engiyithandileyo, ngizindle ngezimiso zakho. Khumbula izwi encekwini yakho owangipha ithemba ngalo. Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki. Ngiyakhumbula izahlulelo zakho zasendulo, Jehova; ngiyaduduzeka. Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho. Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakho endlini yokugogobala kwami. Ebusuku ngikhumbula igama lakho, Jehova, ngigcina umthetho wakho. Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngagcina iziyalezo zakho. UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho. Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Izintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubonge ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova; ngifundise izimiso zakho. Uyenzele inceku yakho okuhle, Jehova, ngokwezwi lakho. Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho. Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho. Umuhle wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho. Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho. Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho; kepha mina ngithokoza ngomthetho wakho. Kwangilungela ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho. Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva. Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho. Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho. Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile nokuthi wangilaya ngokuthembeka. Umusa wakho mawube yinduduzo encekwini yakho ngokwezwi lakho. Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami. Abazidlayo mabajabhe, ngokuba bangicindezele, kungekho sizathu; kepha mina ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho. Mabaphendukele kimi abakwesabayo nabaziyo ubufakazi bakho. Inhliziyo yami mayiphelele ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho. Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?” Nginjengemvaba emsini; izimiso zakho angizikhohlwa. Zingaki izinsuku zenceku yakho? Uzakubahlulela nini abangizingelayo na? Abazidlayo bangimbela imigodi, bona abaphambene nomthetho wakho. Yonke imiyalo yakho ithembekile; bayangizingela ngamanga; ngisize. Bacishe bangiqeda emhlabeni, kepha angishiyanga iziyalezo zakho. Ngiphilise ngokomusa wakho, ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho. Kuze kube phakade, Jehova, izwi lakho limi liqinile ezulwini. Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukuthembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi. Ngokwezahlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho. Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami. Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho, ngokuba ungiphilisile ngazo. Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho. Ababi bahlalele ukungibhubhisa, kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho. Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke, kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu. Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo. Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade. Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho. Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho. Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi, ukuze ngigcine izwi lakho. Ezahlulelweni zakho angichezuki, ngokuba wena uyangifundisa. Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami; adlula izinyosi emlonyeni wami. Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina. Ngiyahlupheka kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho. Jehova, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izahlulelo zakho: Umphefumulo wami usesandleni sami njalo; nokho umthetho wakho angiwukhohlwa. Ababi bangibekele ugibe, kepha angiduki eziyalezweni zakho. Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami. Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza izimiso zakho njalo, yebo, kuze kube sekupheleni. Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyethemba izwi lakho. Sukani kimi nina enenza okubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami. Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami. Ngisekele, ngize ngisindiswe, ngibheke njalo izimiso zakho. Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize. Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva; ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho. Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe, ngiyesaba izahlulelo zakho. Ngiyenza ukwahlulela nokulunga; unganginikeli kubo abahluphi bami. Mela inceku yakho kube kuhle; abazidlayo mabangangicindezeli. Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho. Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho. Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza, ngokuba bawenz' ize umthetho wakho. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo. Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga. Ubufakazi bakho buyisimangaliso; ngalokho umphefumulo wami uyabugcina. Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi. Ngivula umlomo wami, ngikhefuzela, ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho. Bheka kimi, ube nomusa kimi njengokufanele abathanda igama lakho. Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho; makungangibusi nobubodwa ububi. Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu, ukuze ngigcine iziyalezo zakho. Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho. Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami, ngokuba abagcini umthetho wakho. Wena Jehova ulungile; izahlulelo zakho ziqotho. Uyalezile ubufakazi bakho ngokulunga ngokuthembeka okukhulu. Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho. Izwi lakho licwebile kakhulu; ngalokho inceku yakho iyalithanda. Ngimncane, ngidelelekile; iziyalezo zakho angizikhohlwa. Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso. Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami. Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade; ngiphe ukuqonda ukuba ngiphile. Ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizwe, Jehova; izimiso zakho ngiyakuzigcina. Ngikhala kuwe, ngisindise; ngiyakugcina ubufakazi bakho. Ngiyandulela uvivi lokusa ngikhala; ngiyethemba amazwi akho. Amehlo ami ayandulela imilindo yobusuku ukuba ngizindle ngezwi lakho. Yizwa izwi lami ngokomusa wakho, Jehova, ungiphilise ngokwezahlulelo zakho. Bayasondela abalandela ukonakala; bakude nomthetho wakho. Wena Jehova useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso. Kudala ngazile ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade. Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho. Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho. Ukusindiswa kukude nababi, ngokuba abafuni izimiso zakho. Ububele bakho, Jehova, bukhulu; ngiphilise ngokwezahlulelo zakho. Abangizingelayo nabayizitha kimi baningi; kepha ebufakazini bakho angichezuki. Lapho ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awagcini izwi lakho. Bheka ukuthi ngithanda kangaka iziyalezo zakho, Jehova; ngiphilise ngokomusa wakho. Amazwi akho onke ayiqiniso; zonke izahlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade. Izikhulu ziyangizingela, kungekho sizathu, kepha inhliziyo yami iyesaba izwi lakho. Ngithokoza ngezwi lakho njengozuza impango enkulu. Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya; umthetho wakho ngiyawuthanda. Kasikhombisa ngosuku ngiyakudumisa ngezahlulelo zokulunga kwakho. Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo. Ngiyethemba insindiso yakho, Jehova; imiyalo yakho ngiyayenza. Umphefumulo wami uyagcina ubufakazi bakho; ngiyabuthanda kakhulu. Ngiyagcina iziyalezo zakho nobufakazi bakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho. Ukukhala kwami makusondele ebusweni bakho, Jehova; ngiqondise ngokwezwi lakho. Ukuncenga kwami makuze ebusweni bakho; ngihlenge ngokwezwi lakho. Umlomo wami mawuchichime indumiso, ngokuba uyangifundisa izimiso zakho. Ulimi lwami malukhulume izwi lakho, ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile. Isandla sakho masibe lusizo kimi, ngokuba ngikhethile iziyalezo zakho. Ngiyalangazelela insindiso yakho, Jehova; umthetho wakho uyintokozo yami. Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; izahlulelo zakho mazingisize. Ngiyaduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angikhohlwa imiyalo yakho.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 119:1-176