Babusisiwe abandlela iqotho, abahamba ngomthetho kaSimakade. Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, abamfuna ngenhlizyo epheleleyo, abangakwenzi okungalungile, kodwa abahamba ezindleleni zakhe. Uyalile ukuba izimiso zakho zigcinwe impela. Sengathi izindlela zami zingagxila ekugcineni izimiso zakho; khona ngingeyukujabha, lapho ngihlonipha yonke imiyalelo yakho. Ngizakukubonga ngenhliziyo eqotho, lapho ngifunda izehlulelo zakho ezilungileyo. Ngizozigcina izimiso zakho; uze ungangishiyi. Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke, mangingaphambuki emiyalweni yakho. Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. Mawubongwe Wena Simakade, ungifundise izimiso zakho. Ngomlomo wami ngimemezele zonke izehlulelo zomlomo wakho. Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho kungathi ngethabela ingcebo. Ngizozindla ngeziyalezo zakho, ngizihloniphe izindlela zakho. Ngizothokoza ngezimiso zakho; angiyukulikhohlwa izwi lakho.
Funda AMahubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 119:1-16
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo