AmaHubo 119:1-16

AmaHubo 119:1-16 ZUL59

Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova. Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke, abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe; wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela. Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho. Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho. Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo, lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo. Izimiso zakho ngiyakuzigcina; ungangishiyi nakanci. Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho. Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. Mawubongwe wena Jehova, ungifundise izimiso zakho. Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho. Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo. Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho. Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 119:1-16

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo