Amahubo 119:1-16

Amahubo 119:1-16 CZB24

I-ALEPH. Ubusisiwe osendleleni engenabala, ohamba emthethweni kaJehova. Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe futhi abamfunayo ngenhliziyo yabo yonke. Futhi abenzi ububi; bahamba ezindleleni zakhe. Wasiyala ukuba sigcine imiyalo yakho eduze. Sengathi izindlela zami beziqondile ukugcina izimiso zakho! Khona angiyikujabha, uma ngigcina yonke imiyalo yakho. Ngizakudumisa ngobuqotho benhliziyo lapho sengizazi izimiso zakho ezilungileyo. Ngiyakugcina izimiso zakho; ungangishiyi ngokuphelele BETH. Insizwa iyakuyihlanza ngani indlela yayo na? ngokuyinaka ngokwezwi lakho. Ngakufuna ngenhliziyo yami yonke; ungangivumeli ngiduke emiyalweni yakho. Izwi lakho ngalifihla enhliziyweni yami, ukuze ngingoni kuwe. Ubusisiwe wena Jehova, ngifundise izimiso zakho. Ngezindebe zami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho. Ngiyathokoza ngendlela yobufakazi bakho njengengcebo yonke. Ngiyakuzindla ngemiyalo yakho, ngihloniphe izindlela zakho. Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Amahubo 119:1-16

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo