AMahubo 107:1-9

AMahubo 107:1-9 ZUL20

Bongani uSimakade ngokuba muhle, umusa wakhe umi ingunaphakade. Abahlengiweyo bakaSimakade mabasho njalo, labo abahlenge esandleni sesitha, wabaqoqa emazweni, kusukela empumalanga, entshonalanga, enyakatho, nasolwandle. Bazulazula ehlane, abaze bayithola indlela yokuya emzini ababezohlala kuwo. Belambile futhi bomile, imiphefumulo yabo yaphelelwa ngamandla. Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo, wayesebakhulula ezinsizini zabo. Wabahola ngendlela eqondileyo ukuze baye emzini ababezohlala kuwo. Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu. Ngokuba Yena usuthise umphefumulo olangazelelayo, nenhliziyo elambileyo wayigcwalisa ngokuhle.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 107:1-9