AmaHubo 107:1-9

AmaHubo 107:1-9 ZUL59

Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova, abahlengileyo esandleni sesitha; wababutha emazweni, empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naselwandle. Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi, abafumananga umuzi wokuhlala. Belambile, bomile, umphefumulo wabo waphela amandla phakathi kwabo. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo. Wabahola ngendlela elungileyo ukuba baye emzini wokuhlala. Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu. Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo; umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 107:1-9