AmaHubo 107:1-9
AmaHubo 107:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bongani uSimakade ngokuba muhle, umusa wakhe umi ingunaphakade. Abahlengiweyo bakaSimakade mabasho njalo, labo abahlenge esandleni sesitha, wabaqoqa emazweni, kusukela empumalanga, entshonalanga, enyakatho, nasolwandle. Bazulazula ehlane, abaze bayithola indlela yokuya emzini ababezohlala kuwo. Belambile futhi bomile, imiphefumulo yabo yaphelelwa ngamandla. Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo, wayesebakhulula ezinsizini zabo. Wabahola ngendlela eqondileyo ukuze baye emzini ababezohlala kuwo. Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu. Ngokuba Yena usuthise umphefumulo olangazelelayo, nenhliziyo elambileyo wayigcwalisa ngokuhle.
AmaHubo 107:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova, abahlengileyo esandleni sesitha; wababutha emazweni, empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naselwandle. Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi, abafumananga umuzi wokuhlala. Belambile, bomile, umphefumulo wabo waphela amandla phakathi kwabo. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo. Wabahola ngendlela elungileyo ukuba baye emzini wokuhlala. Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu. Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo; umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.
AmaHubo 107:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Basho kanje abahlengiweyo bakaJehova abahlengileyo esandleni sesitha; Babuthana emazweni, empumalanga nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu. Bazulazula endleleni eyihlane ehlane; abatholanga umuzi wokuhlala. Indlala nokoma kwenza umphefumulo wabo wadangala phakathi kwabo. Base bembiza uJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula osizini lwabo. Wabahola ngendlela eqondileyo, ukuze baye emzini wokuhlala. O, uma abantu bengamdumisa uJehova ngobubele bakhe nezimangaliso zakhe kubantwana babantu! Ngokuba uyasuthisa umphefumulo olangazelayo, awugcwalise ngokuhle umphefumulo olambileyo.