USimakade ubenzela bonke abacindezelweyo ukulunga nobulungiswa. Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantu bakwa-Israyeli, izenzo zakhe. USimakade unobubele nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa. Akathethi njalonjalo, akayigcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu. Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyazi ukuthi sibunjwe kanjani, uyakhumbula ukuthi siluthuli nje. Izinsuku zomuntu zinjengotshani; ukhahlela njengembali yasendle, ipheshethwa ngumoya, bese inyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi. Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana, abagcina isivumelwane sakhe, bakhumbule ukwenza iziyalezo zakhe. USimakade umise isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini, umbuso wakhe ubusa phezu kwakho konke. Bongani uSimakade nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enigcina izwi lakhe nilalele okushiwo yilo. Bongani uSimakade nina mabandla akhe wonke, nina zinceku zakhe enenza intando yakhe. Bongani uSimakade, nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe.
Funda AMahubo 103
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 103:6-22
5 Days
People often say, “Give God your burdens.” Do you ever wonder: How do I do that? The brokenness of the world feels too heavy. And as much as you desire to shine the light of Jesus, you wonder what that looks like when you struggle to see the light yourself. This devotional looks at how we can be lights for Jesus even when our own world feels dark.
7 Days
It weighs you down. It keeps people out. It’s heavy and painful—it’s the grudge. Many of us may not realize it, but we’re carrying grudges that need to come out of darkness and into the light. Learn how you can find freedom through forgiveness in this 7-day Bible Plan accompanying Pastor Craig Groeschel’s message series, The Grudge.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo