AMahubo 103:6-22

AMahubo 103:6-22 ZUL20

USimakade ubenzela bonke abacindezelweyo ukulunga nobulungiswa. Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantu bakwa-Israyeli, izenzo zakhe. USimakade unobubele nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa. Akathethi njalonjalo, akayigcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu. Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyazi ukuthi sibunjwe kanjani, uyakhumbula ukuthi siluthuli nje. Izinsuku zomuntu zinjengotshani; ukhahlela njengembali yasendle, ipheshethwa ngumoya, bese inyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi. Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana, abagcina isivumelwane sakhe, bakhumbule ukwenza iziyalezo zakhe. USimakade umise isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini, umbuso wakhe ubusa phezu kwakho konke. Bongani uSimakade nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enigcina izwi lakhe nilalele okushiwo yilo. Bongani uSimakade nina mabandla akhe wonke, nina zinceku zakhe enenza intando yakhe. Bongani uSimakade, nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe.