AmaHubo 103:6-22
AmaHubo 103:6-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade ubenzela bonke abacindezelweyo ukulunga nobulungiswa. Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantu bakwa-Israyeli, izenzo zakhe. USimakade unobubele nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa. Akathethi njalonjalo, akayigcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu. Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyazi ukuthi sibunjwe kanjani, uyakhumbula ukuthi siluthuli nje. Izinsuku zomuntu zinjengotshani; ukhahlela njengembali yasendle, ipheshethwa ngumoya, bese inyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi. Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana, abagcina isivumelwane sakhe, bakhumbule ukwenza iziyalezo zakhe. USimakade umise isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini, umbuso wakhe ubusa phezu kwakho konke. Bongani uSimakade nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enigcina izwi lakhe nilalele okushiwo yilo. Bongani uSimakade nina mabandla akhe wonke, nina zinceku zakhe enenza intando yakhe. Bongani uSimakade, nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe.
AmaHubo 103:6-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo ukulunga nokwahlulela. Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe. UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli. Izinsuku zomuntu zinjengotshani; uyakhahlela njengembali yasendle. Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo, bese yinyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi. Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana, kubo abagcina isivumelwano sakhe bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze. UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke. Bongani uJehova nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe. Bongani uJehova nina mabandla onke akhe, nina zinceku zakhe enenza intando yakhe. Bongani uJehova nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe.
AmaHubo 103:6-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wenza ubulungisa nobulungisa kubo bonke abacindezelwayo. Wamazisa uMose izindlela zakhe, nezenzo zakhe kubantwana bakwa-Israyeli. UJehova unesihe, unomusa, uyabekezela, uchichima umusa. Akayikuxabana njalo, akayikugcina intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akenzanga kithi njengokwezono zethu; futhi akasibuyiselanga njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe kwabamesabayo. Njengoba impumalanga iqhelelene nentshonalanga, udedisela kude iziphambeko zethu kithi. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uhawukela abamesabayo. Ngoba yena uyasazi isimo sethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli. Umuntu, izinsuku zakhe zinjengotshani; njengembali yasendle, uyaqhakaza kanjalo. Ngokuba umoya uphephetha phezu kwayo, isuke; nendawo yawo ayisayikuyazi. Kepha umusa kaJehova ukhona kwabamesabayo kusukela phakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana; Kulabo abagcina isivumelwano sakhe nalabo abakhumbula imiyalo yakhe ukuba bayenze. UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke. Dumisani uJehova, nina zingelosi zakhe, enibusa ngamandla, enigcina imiyalo yakhe, nilalele izwi lezwi lakhe. Dumisani uJehova nina mabandla akhe onke; nina zinceku zaKhe, ezenza intando yaKhe enhle. Bongani uJehova nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe; dumisa uJehova, mphefumulo wami!