AMahubo 103:1-13

AMahubo 103:1-13 ZUL20

Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, konke okungaphakathi kimi makulibonge igama lakhe elingcwele. Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa, Yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho, okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele, osuthisa ukulangazelela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi. USimakade ubenzela bonke abacindezelweyo ukulunga nobulungiswa. Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantu bakwa-Israyeli, izenzo zakhe. USimakade unobubele nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa. Akathethi njalonjalo, akayigcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu. Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo.