AmaHubo 103:1-13

AmaHubo 103:1-13 ZUL59

Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele. Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa, yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho; okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele; osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi. UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo ukulunga nokwahlulela. Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe. UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.