Simakade, yizwa umkhuleko wami, ukukhala kwami makufiyinyelele kuwe. Ungangifihleli ubuso bakho ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engikumemeza ngalo, usheshe ungiphendule. Izinsuku zami ziphele njengomusi, namathambo asha njengezinkuni. Umphefumulo wami udangele, wabunisa okotshani, inhliziyo yami imnyama, ukudla akusangeni. Ngenxa yokugqiha kwami, ngibubula, amathambo ami asenamathele esikhumbeni. Ngifana nomandukulu ehlane, nginjengesikhova kwahlongasibi. Abehli ubuthongo, ngifana nenyoni ehleli yodwa ophahleni lwendlu. Izitha zami zingethuka usuku lonke, abangihlambalazayo bayangiqalekisa. Ngikhume umlotha njengesinkwa, nengikuphuzayo ngakuxubanisa nezinyembezi, ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho, ungiqukule wangilahla kude. Izinsuku zami zifana nethunzi seliyoshona, mina luqobo, ngibuna njengotshani. Wena Simakade uyohlala kuze kube phakade, nesikhumbuzo sakho, izizukulwane ngezizukulwane. Uzovuka, uhawukele iZiyoni, ngokuba sekuyisikhathi somusa wakho kulo, isikhathi esinqunyiweyo sesifikile.
Funda AMahubo 102
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 102:1-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo