AMahubo 101:1-8

AMahubo 101:1-8 ZUL20

Ngizohuba ngomusa nobulungiswa, ngikudumise Wena Simakade. Ngizohamba ngobuqotho, ngingabi nacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizohamba nginenhliziyo emsulwa endlini yami. Angizukuyibeka phambi kwamehlo ami into embi; ngiyakuzonda okwenziwa ngabahlubukayo, akuyukunamathela kimi. Ngiyakuziqhelelanisa nenhliziyo edukileyo, omubi angiyukumnaka. Ohleba umakhelwane wakhe esithe ngiyombhubhisa, angiyukumbekezelela ozikhukhumezayo. Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba ukuze bahlale nami, ohamba endleleni engenacala, uyakungikhonza. Akukho namunye owenza inkohliso, oyohlala endlini yami, namunye oqamba amanga, oyokuma phambi kwamehlo ami. Njalo ekuseni ngizobabhubhisa ababi ezweni, ngibaqede bonke abenzi bokubi emzini kaSimakade.