AmaHubo 101:1-8
AmaHubo 101:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngizohuba ngomusa nobulungiswa, ngikudumise Wena Simakade. Ngizohamba ngobuqotho, ngingabi nacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizohamba nginenhliziyo emsulwa endlini yami. Angizukuyibeka phambi kwamehlo ami into embi; ngiyakuzonda okwenziwa ngabahlubukayo, akuyukunamathela kimi. Ngiyakuziqhelelanisa nenhliziyo edukileyo, omubi angiyukumnaka. Ohleba umakhelwane wakhe esithe ngiyombhubhisa, angiyukumbekezelela ozikhukhumezayo. Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba ukuze bahlale nami, ohamba endleleni engenacala, uyakungikhonza. Akukho namunye owenza inkohliso, oyohlala endlini yami, namunye oqamba amanga, oyokuma phambi kwamehlo ami. Njalo ekuseni ngizobabhubhisa ababi ezweni, ngibaqede bonke abenzi bokubi emzini kaSimakade.
AmaHubo 101:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela, ngikudumise wena Jehova. Ngizakuqaphelisisa indlela engenacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala. Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi; ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda; akuyikunamathela kimi. Inhliziyo ephambeneyo iyakusuka kimi; omubi angiyikumazi. Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela. Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba ukuba bahlale nami; ohamba endleleni engenacala uyakungikhonza. Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami; okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami. Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba, ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.
AmaHubo 101:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide. Ngithanda ukuhlabelela umusa nokulunga; ngifuna ukuhlabelela udumo lwakho, Jehova. Ngizoziphatha ngokuhlakanipha ngendlela ephelele. Oh uzoza nini kimi? Ngizohamba endlini yami ngenhliziyo ephelele. Angiyikubeka okubi phambi kwamehlo ami; ngiyawuzonda umsebenzi wabahlubukayo; ngeke kunginamathele. Inhliziyo embi iyakusuka kimi; omubi angiyikumazi. Ohleba umakhelwane wakhe ngasese, yena ngiyakumnquma; lowo oziphakamisayo nenhliziyo ezidlayo, ngeke ngihlupheke. Amehlo ami ayakuba kwabathembekileyo ezweni ukuba bahlale nami; ohamba ngendlela epheleleyo nguyena oyakungikhonza. Ophambayo makangahlali endlini yami; oqamba amanga akayikulibala phambi kwamehlo ami. Ngiyakubabhubhisa bonke ababi bezwe kusesekuseni; ukuze nginqume bonke ababi emzini kaJehova.