Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela, ngikudumise wena Jehova. Ngizakuqaphelisisa indlela engenacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala. Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi; ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda; akuyikunamathela kimi. Inhliziyo ephambeneyo iyakusuka kimi; omubi angiyikumazi. Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela. Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba ukuba bahlale nami; ohamba endleleni engenacala uyakungikhonza. Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami; okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami. Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba, ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.
Funda AmaHubo 101
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 101:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo