INumeri 22:21-41

INumeri 22:21-41 ZUL20

UBhileyamu wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wahamba nezikhulu zakwaMowabi. Kodwa intukuthelo kaNkulunkulu yamvuthela ngokuba wahamba nabo, ingelosi kaSimakade yema endleleni yamelana naye. UBhileyamu wayegibele embongolweni yakhe, ekhashwa yizinceku zakhe ezimbili. Imbongolo yayibona ingelosi kaSimakade imi endleleni, ikhokhe inkemba yayo eyayiyiphethe ngesandla, yaphambuka endleleni, yayohamba ensimini. UBhileyamu wayishaya imbongolo ukuze ibuyele endleleni. Ingelosi kaSimakade yama endleleni eyayingumngcingo phakathi kwezindonga zesivini nxazombili. Imbongolo yaphinde yayibona ingelosi kaSimakade, yagudla yencika ngasodongeni, kwalimala unyawo lukaBhileyamu. Waphinde wayishaya. Ingelosi kaSimakade yaqhubekela phambili yema endaweni eminyeneyo, okungekho ndlela yokuphendukela kwesokudla noma kwesokunxele. Lapho imbongolo iyibona ingelosi kaSimakade, yalala phansi kwacindezeleka uBhileyamu egibele kuyo, wathukuthela kakhulu, wayibhonya ngenduku yakhe imbongolo. USimakade wayivula umlomo imbongolo, yathi kuBhileyamu: “Ngenzeni kuwe ungaze ungishaye amahlandla amathathu, na?” UBhileyamu wathi embongolweni: “Yingoba ungenza isilima! Ukuba benginenkemba esandleni, ngabe sengikubulele.” Imbongolo yathi kuBhileyamu: “Angisiyona yini imbongolo yakho ohlale uyigibela, nanamuhla osayigibele na? Ngivamile yini ukukwenza lokhu kuwe na?” UBhileyamu wathi: “Qha.” USimakade wavula amehlo kaBhileyamu, wayibona ingelosi kaSimakade imi endleleni, ikhokhe inkemba esandleni sayo. Wakhothama wathi mbo ngobuso. Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kuze kube ngamahlandla amathathu na? Ngize ukuzomelana nawe ngoba le ndlela yakho oyithathile imbi, iyingozi. Imbongolo ingibonile yachezuka phambi kwami kwaze kwaba kathathu. Ukuba ayizange ichezuke, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.” UBhileyamu wathi engelosini kaSimakade: “Ngonile ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni, umelene nami; uma kukubi ukuba ngiqhubekele phambili, ngizophindela emuva.” Ingelosi kaSimakade yathi kuBhileyamu: “Hamba nalawa madoda, kodwa uyokhuluma kuphela lokho engizokutshela khona.” UBhileyamu wayesehamba namalunga kaBhalaki. UBhalaki wezwa ukuthi uBhileyamu ufikile, waphuma wayomhlangabeza emzini wakwaMowabi emngceleni wase-Arinoni elingasekupheleni kwesifunda. UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Angithumelanga yini kuwe ngikubiza ukuba uphuthume na? Awufikanga ngani kimi na? Ubucabanga ukuthi ngeke yini ngikuhloniphe na?” UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Bheka, sengifikile kuwe manje, nokho anginamandla okusho utho kuwe. Ngiyokhuluma kuphela izwi uNkulunkulu alibeka emlonyeni wami.” UBhileyamu wahamba noBhalaki, bafika eKiriyathi Huzothi. UBhalaki wenza umhlatshelo ngezinkomo nezimvu, wayesekuthumela kuBhileyamu nezikhulu ayenazo. Kwathi ekuseni uBhalaki wathatha uBhileyamu, benyukela eBhamothi Bhali, elapho wabona ingxenye yabantu bakwa-Israyeli.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo