UNumeri 22:21-41

UNumeri 22:21-41 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UBhileyamu wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wahamba nezikhulu zakwaMowabi. Kodwa intukuthelo kaNkulunkulu yamvuthela ngokuba wahamba nabo, ingelosi kaSimakade yema endleleni yamelana naye. UBhileyamu wayegibele embongolweni yakhe, ekhashwa yizinceku zakhe ezimbili. Imbongolo yayibona ingelosi kaSimakade imi endleleni, ikhokhe inkemba yayo eyayiyiphethe ngesandla, yaphambuka endleleni, yayohamba ensimini. UBhileyamu wayishaya imbongolo ukuze ibuyele endleleni. Ingelosi kaSimakade yama endleleni eyayingumngcingo phakathi kwezindonga zesivini nxazombili. Imbongolo yaphinde yayibona ingelosi kaSimakade, yagudla yencika ngasodongeni, kwalimala unyawo lukaBhileyamu. Waphinde wayishaya. Ingelosi kaSimakade yaqhubekela phambili yema endaweni eminyeneyo, okungekho ndlela yokuphendukela kwesokudla noma kwesokunxele. Lapho imbongolo iyibona ingelosi kaSimakade, yalala phansi kwacindezeleka uBhileyamu egibele kuyo, wathukuthela kakhulu, wayibhonya ngenduku yakhe imbongolo. USimakade wayivula umlomo imbongolo, yathi kuBhileyamu: “Ngenzeni kuwe ungaze ungishaye amahlandla amathathu, na?” UBhileyamu wathi embongolweni: “Yingoba ungenza isilima! Ukuba benginenkemba esandleni, ngabe sengikubulele.” Imbongolo yathi kuBhileyamu: “Angisiyona yini imbongolo yakho ohlale uyigibela, nanamuhla osayigibele na? Ngivamile yini ukukwenza lokhu kuwe na?” UBhileyamu wathi: “Qha.” USimakade wavula amehlo kaBhileyamu, wayibona ingelosi kaSimakade imi endleleni, ikhokhe inkemba esandleni sayo. Wakhothama wathi mbo ngobuso. Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kuze kube ngamahlandla amathathu na? Ngize ukuzomelana nawe ngoba le ndlela yakho oyithathile imbi, iyingozi. Imbongolo ingibonile yachezuka phambi kwami kwaze kwaba kathathu. Ukuba ayizange ichezuke, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.” UBhileyamu wathi engelosini kaSimakade: “Ngonile ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni, umelene nami; uma kukubi ukuba ngiqhubekele phambili, ngizophindela emuva.” Ingelosi kaSimakade yathi kuBhileyamu: “Hamba nalawa madoda, kodwa uyokhuluma kuphela lokho engizokutshela khona.” UBhileyamu wayesehamba namalunga kaBhalaki. UBhalaki wezwa ukuthi uBhileyamu ufikile, waphuma wayomhlangabeza emzini wakwaMowabi emngceleni wase-Arinoni elingasekupheleni kwesifunda. UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Angithumelanga yini kuwe ngikubiza ukuba uphuthume na? Awufikanga ngani kimi na? Ubucabanga ukuthi ngeke yini ngikuhloniphe na?” UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Bheka, sengifikile kuwe manje, nokho anginamandla okusho utho kuwe. Ngiyokhuluma kuphela izwi uNkulunkulu alibeka emlonyeni wami.” UBhileyamu wahamba noBhalaki, bafika eKiriyathi Huzothi. UBhalaki wenza umhlatshelo ngezinkomo nezimvu, wayesekuthumela kuBhileyamu nezikhulu ayenazo. Kwathi ekuseni uBhalaki wathatha uBhileyamu, benyukela eBhamothi Bhali, elapho wabona ingxenye yabantu bakwa-Israyeli.

UNumeri 22:21-41 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UBileyamu wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wahamba nezikhulu zakwaMowabi. Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngokuba wahamba; ingelosi kaNkulunkulu yema endleleni ukuba imelane naye. Wayekhwele imbongolo yakhe, izinceku zakhe ezimbili zinaye. Imbongolo yabona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; imbongolo yachezuka endleleni, yaya ensimini, kepha uBileyamu wayishaya imbongolo ukuyibuyisela endleleni. Ingelosi kaJehova yayisima endleleni engumngcingo phakathi kwezivini, kwaba ludonga ngalapha nodonga ngalapha. Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova, yazigqula odongeni, yalimaza unyawo lukaBileyamu ngasodongeni; wabuye wayishaya. Ingelosi kaJehova yaqhubeka yema endaweni eminyeneyo, lapho kwakungekho khona indlela yokujika ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova, yalala phansi kukaBileyamu; intukuthelo kaBileyamu yavutha, wayishaya imbongolo ngenduku yakhe. UJehova wavula umlomo wembongolo, yathi kuBileyamu: “Ngenzeni kuwe ukuba ungishaye kathathu na?” UBileyamu wathi embongolweni: “Ngokuba ungiswabulele; sengathi ngabe kukhona inkemba esandleni sami, ngokuba ngabe sengikubulele.” Kepha imbongolo yathi kuBileyamu: “Angisiyo imbongolo yakho oyikhwele konke ukuhamba kwakho kuze kube manje na? Ngangivama ukwenza kanjalo kuwe na?” Wathi: “Qha.” UJehova wayesevula-ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe. Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? Bheka, ngiphumele ukumelana nawe, ngokuba indlela yakho iyingozi phambi kwami; imbongolo yangibona, yachezuka phambi kwami kathathu; uma ibingachezukanga kimi, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.” Wathi uBileyamu kuyo ingelosi kaJehova: “Ngonile; ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni umelene nami; ngalokho uma kukubi emehlweni akho, ngiyakubuyela emuva.” Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: “Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyakulikhuluma.” UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki. UBalaki esezwa ukuthi uBileyamu uyeza, waphuma ukumhlangabeza e-Iri Mowabi elisemkhawulweni wase-Arinoni, liseceleni komkhawulo. UBalaki wathi kuBileyamu: “Angithumanga nokuthuma kuwe ukukubiza na? Awufikanga ngani kimi? Anginamandla yini okukunika udumo na?” UBileyamu wathi kuBalaki: “Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho. Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakukhuluma lona.” UBileyamu wahamba noBalaki, bafika eKiriyati Husoti. UBalaki wanikela ngezinkabi nangezimvu, wazithuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezinaye. Kwathi ekuseni uBalaki wamthatha uBileyamu, wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, wabona elapho inxenye yabantu.

UNumeri 22:21-41 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UBileyamu waqeda ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wahamba nezikhulu zakwaMowabi. Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngoba wahamba, futhi ingelosi yeNkosi yema endleleni yesitha ngokumelene naye. Wagibela imbongolo yakhe, nezinceku zakhe ezimbili zinaye. Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova imi endleleni iphethe inkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; imbongolo yachezuka endleleni, yaya ensimini; uBileyamu wayishaya imbongolo wayishintsha endleleni. Kodwa ingelosi yeNkosi yema endleleni yezivini, ugange ngalapha nogange ngalapha. Imbongolo yabona ingelosi kaJehova, yazicindezela odongeni nonyawo lukaBileyamu odongeni, wamshaya futhi. Ingelosi kaJehova yahamba yema endaweni ewumngcingo, lapho kwakungekho ndlela yokuphendukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. Imbongolo yabona ingelosi yeNkosi yawela phansi phansi kukaBileyamu; ulaka lukaBileyamu lwavutha, wayishaya imbongolo ngodondolo. I Nkosi yasivula umlomo wembongolo, yathi kuBalami: Ngenzeni kuwe ukuthi ungitshaye kathathu? UBileyamu wayesethi embongolweni: “Ngokuba udlale ngami, sengathi ngabe nginenkemba esandleni sami, ngokuba manje sengifuna ukukubulala. Imbongolo yathi kuBileyamu: “Angisiyo yini imbongolo yakho ohlezi phezu kwayo kusukela ngingowakho kuze kube namuhla na?” ngake ngakwenza lokho kuwe Wathi: Cha! UJehova wavula amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni iphethe inkemba yayo ehoshiweyo; wagebisa ikhanda, wawa ngobuso. Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? bheka, ngiphumile ukulwa nawe, ngokuba indlela yakho imbi phambi kwami. Imbongolo yangibona, yachezuka kimi kathathu; UBileyamu wayesethi kuyo ingelosi kaJehova: “Ngonile; ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni ngokumelene nami; ngizobe sengibuyela kuwe manje uma ungakuthandi. Ingelosi kaJehova yathi kuBileyamu: “Hamba namadoda; kodwa kuphela izwi engizolikhuluma kuwe, okufanele ulikhulume. UBileyamu wahamba nezikhulu zikaBalaki. UBalaki esezwile ukuthi uBileyamu usefikile, waphuma ukumhlangabeza emzini wakwaMowabi osemngceleni we-Arinoni, ekugcineni ogwini. UBalaki wathi kuBileyamu: “Angithumanga nokuthuma kuwe ukuba ngikubize na? kungani ungezanga kimi ngingakwazi yini ukuKuphakamisela enkazimulweni ngokweqiniso? UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Bheka, ngize kuwe; nginamandla okukhuluma manje? izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakulikhuluma. UBileyamu wahamba noBalaki, bafika eKiriyati-Husoti. UBalaki wanikela ngezinkomo nezimvu, wakuthuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezazinaye. Ngangomuso uBalaki wamthatha uBileyamu, wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, ukuze abone ukuphela kwabantu elapho.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo