UNumeri 22:21-41

UNumeri 22:21-41 ZUL59

UBileyamu wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wahamba nezikhulu zakwaMowabi. Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngokuba wahamba; ingelosi kaNkulunkulu yema endleleni ukuba imelane naye. Wayekhwele imbongolo yakhe, izinceku zakhe ezimbili zinaye. Imbongolo yabona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; imbongolo yachezuka endleleni, yaya ensimini, kepha uBileyamu wayishaya imbongolo ukuyibuyisela endleleni. Ingelosi kaJehova yayisima endleleni engumngcingo phakathi kwezivini, kwaba ludonga ngalapha nodonga ngalapha. Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova, yazigqula odongeni, yalimaza unyawo lukaBileyamu ngasodongeni; wabuye wayishaya. Ingelosi kaJehova yaqhubeka yema endaweni eminyeneyo, lapho kwakungekho khona indlela yokujika ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova, yalala phansi kukaBileyamu; intukuthelo kaBileyamu yavutha, wayishaya imbongolo ngenduku yakhe. UJehova wavula umlomo wembongolo, yathi kuBileyamu: “Ngenzeni kuwe ukuba ungishaye kathathu na?” UBileyamu wathi embongolweni: “Ngokuba ungiswabulele; sengathi ngabe kukhona inkemba esandleni sami, ngokuba ngabe sengikubulele.” Kepha imbongolo yathi kuBileyamu: “Angisiyo imbongolo yakho oyikhwele konke ukuhamba kwakho kuze kube manje na? Ngangivama ukwenza kanjalo kuwe na?” Wathi: “Qha.” UJehova wayesevula-ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe. Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? Bheka, ngiphumele ukumelana nawe, ngokuba indlela yakho iyingozi phambi kwami; imbongolo yangibona, yachezuka phambi kwami kathathu; uma ibingachezukanga kimi, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.” Wathi uBileyamu kuyo ingelosi kaJehova: “Ngonile; ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni umelene nami; ngalokho uma kukubi emehlweni akho, ngiyakubuyela emuva.” Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: “Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyakulikhuluma.” UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki. UBalaki esezwa ukuthi uBileyamu uyeza, waphuma ukumhlangabeza e-Iri Mowabi elisemkhawulweni wase-Arinoni, liseceleni komkhawulo. UBalaki wathi kuBileyamu: “Angithumanga nokuthuma kuwe ukukubiza na? Awufikanga ngani kimi? Anginamandla yini okukunika udumo na?” UBileyamu wathi kuBalaki: “Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho. Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakukhuluma lona.” UBileyamu wahamba noBalaki, bafika eKiriyati Husoti. UBalaki wanikela ngezinkabi nangezimvu, wazithuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezinaye. Kwathi ekuseni uBalaki wamthatha uBileyamu, wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, wabona elapho inxenye yabantu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo