UNehemiya 3:1-12

UNehemiya 3:1-12 ZUL20

Kwasuka u-Eliyashibhi, umphristi omkhulu nabanye abaphristi, bakha kabusha iSango Lezimvu, balinikela, bamisa namasango ezindaweni zawo. Banikela ugange kusukela eMbhoshongweni Wekhulu kuze kube seMbhoshongweni KaHananeli. Eduze kwakhe kwakwakha amadoda aseJerikho, kwathi ingxenye elandelayo yakhiwa nguZakhari, indodona ka-Imri. ISango Lenhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasena. Afaka imishayo namasango ezindaweni zakho, afaka imigoqo nezihluthulelo. Ingxenye elandelayo yalungiswa nguMeremothi, indodana ka-Uriya, umzukulu kaHakozi. Elandelayo yakhiwa nguMeshulami, indodana kaBherekhiya, umzukulu kaMeshezabheli. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguZadoki, indodana kaBhahana. Ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda aseThekhowa, kodwa abaholi bakulowo muzi benqaba ukwenza umsebenzi ababewunikwe ngabaphathi babo. ISango iJeshana lakhiwa nguJoyada, indodana kaPhaseya, noMeshulami, indodana kaBhesodeya. Bafaka imishayo namasango ezindaweni zakho, bafaka imigoqo nezihluthulelo. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguMelathiya waseGibheyoni, noJadoni waseMeronothi, kwathi ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda akwaGibheyoni naseMizpha kwaze kwayofika lapho kuhlala khona umbusi wesifundazwe esisentshonalanga yeYufrathe. Ingxenye elandelayo yakhiwa ngu-Uziyeli, indodana kaHarihaya, umkhandigolide. Elandelayo yayihamba ize iyofika oGangeni Olukhulu, yona yakhiwa kabusha nguHananiya, owayenza amakha. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguRefaya, indodana kaHuri, umbusi wengxenye yesifunda eJerusalema. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguJedaya, indodana kaHarumafi, kwazise yayiseduze nomuzi wakhe. Elandelayo yakhiwa nguHathushi, indodona kaHashabhineya. Ingxenye elandelayo noMbhoshongo Wohhavini kwakhiwa nguMalikhija, indodana kaHarimi noHashubhi, indodana kaPhahathi Mowabi. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguShalumi, indodana kaHaloheshi, umbusi wenye ingxenye yesifunda eJerusalema. Amadodakazi akhe amsiza kulowo msebenzi.