UNehemiya 3:1-12

UNehemiya 3:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwasuka u-Eliyashibhi, umphristi omkhulu nabanye abaphristi, bakha kabusha iSango Lezimvu, balinikela, bamisa namasango ezindaweni zawo. Banikela ugange kusukela eMbhoshongweni Wekhulu kuze kube seMbhoshongweni KaHananeli. Eduze kwakhe kwakwakha amadoda aseJerikho, kwathi ingxenye elandelayo yakhiwa nguZakhari, indodona ka-Imri. ISango Lenhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasena. Afaka imishayo namasango ezindaweni zakho, afaka imigoqo nezihluthulelo. Ingxenye elandelayo yalungiswa nguMeremothi, indodana ka-Uriya, umzukulu kaHakozi. Elandelayo yakhiwa nguMeshulami, indodana kaBherekhiya, umzukulu kaMeshezabheli. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguZadoki, indodana kaBhahana. Ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda aseThekhowa, kodwa abaholi bakulowo muzi benqaba ukwenza umsebenzi ababewunikwe ngabaphathi babo. ISango iJeshana lakhiwa nguJoyada, indodana kaPhaseya, noMeshulami, indodana kaBhesodeya. Bafaka imishayo namasango ezindaweni zakho, bafaka imigoqo nezihluthulelo. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguMelathiya waseGibheyoni, noJadoni waseMeronothi, kwathi ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda akwaGibheyoni naseMizpha kwaze kwayofika lapho kuhlala khona umbusi wesifundazwe esisentshonalanga yeYufrathe. Ingxenye elandelayo yakhiwa ngu-Uziyeli, indodana kaHarihaya, umkhandigolide. Elandelayo yayihamba ize iyofika oGangeni Olukhulu, yona yakhiwa kabusha nguHananiya, owayenza amakha. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguRefaya, indodana kaHuri, umbusi wengxenye yesifunda eJerusalema. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguJedaya, indodana kaHarumafi, kwazise yayiseduze nomuzi wakhe. Elandelayo yakhiwa nguHathushi, indodona kaHashabhineya. Ingxenye elandelayo noMbhoshongo Wohhavini kwakhiwa nguMalikhija, indodana kaHarimi noHashubhi, indodana kaPhahathi Mowabi. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguShalumi, indodana kaHaloheshi, umbusi wenye ingxenye yesifunda eJerusalema. Amadodakazi akhe amsiza kulowo msebenzi.

UNehemiya 3:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwasuka u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango Lezimvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli. Eceleni kwakhe kwakha abantu baseJeriko, naseceleni kwabo kwakha uZakuri indodana ka-Imri. ISango Lezinhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasenawa; abeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo. Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi. Eceleni kwabo kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya kaMeshezabeli. Eceleni kwabo kwalungisa uSadoki indodana kaBahana. Eceleni kwabo kwalungisa abaseThekhowa, kepha abakhulu babo abafakanga izintamo zabo emsebenzini wenkosi yabo. ISango Elidala lalungiswa nguJoyada indodana kaPhaseya nanguMeshulamu indodana kaBesodeya, babeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo. Eceleni kwabo kwalungisa uMelathiya waseGibeyoni, noJadoni waseMeronoti, amadoda aseGibeyoni naseMispa, phansi kwesihlalo sombusi phesheya koMfula.* Eceleni kwabo kwalungisa u-Uziyeli indodana kaHarihaya wabakhandi begolide. Eceleni kwakhe kwalungisa uHananiya wabathaki. Baliyeka iJerusalema kwaze kwaba soGangeni Olubanzi. Eceleni kwabo kwalungisa uRefaya indodana kaHure, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema. Eceleni kwakhe kwalungisa uJedaya indodana kaHarumafi malungana nendlu yakhe. Eceleni kwakhe kwalungisa uHathushi indodana kaHashabineya. UMalikhiya, indodana kaHarimi, noHashubi, indodana kaPhahati Mowabi, balungisa elinye ibanga noMbhoshongo Wamaziko. Eceleni kwabo kwalungisa uShalumi indodana kaHaloheshi, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema, yena namadodakazi akhe.

UNehemiya 3:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwase kusukuma u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, bakha iSango Lezimvu; balingcwelisa, bamisa izivalo zalo; kwaze kwaba seMbhoshongweni waseMeya bawungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni kaHananeli. Eceleni kwakhe kwakha amadoda aseJeriko. Eceleni kwabo kwalungisa uSakuri indodana ka-Imri. Kodwa iSango Lezinhlanzi lakhiwa amadodana kaHasenaha, futhi babeka imishayo yalo, bamisa izicabha zalo, izihluthulelo zalo nemigoqo yalo. Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti indodana ka-Uriya indodana kaKoshi. Eceleni kwabo kwalungisa uMesulamu indodana kaBeregiya kaMeshesabeli. Eceleni kwabo uSadoki indodana kaBahana walulama. Eceleni kwabo kwasinda abaseThekhowa; kodwa izikhulu zabo kazibekanga izintamo zabo emsebenzini weNkosi yabo. Isango elidala lalilungiswa nguJehoyada indodana kaPhasehaki, noMeshulamu indodana kaBesodiya; babeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo. Eceleni kwabo uMelathiya waseGibeyoni noJadoni waseMeronoti, amadoda aseGibeyoni naseMispa, abuyisela esihlalweni sobukhosi sombusi ongasentshonalanga koMfula. Eceleni kwakhe kwalungisa u-Uziyeli indodana kaHarihaya, umkhandi wegolide; Eceleni kwakhe uHananiya, indodana yabathaki beziqholo, naye wabuya, baqinisa iJerusalema kuze kube sogangeni olubanzi. Eceleni kwabo uRefaya indodana kaHure, umbusi wengxenye yesifunda saseJerusalema, walungisa. Eceleni kwabo kwalungisa uJedaya indodana kaHarumafi malungana nendlu yakhe. Eceleni kwakhe uHathusi, indodana kaHasabinja, walulama. UMalikhiya, indodana kaHarimi, noHasubu, indodana kaPhahati Mowabi, balungisa elinye ibanga nombhoshongo wamaziko. Eceleni kwakhe uShalumi indodana kaHalohesi, umbusi wengxenye yesifunda saseJerusalema, walungisa, yena namadodakazi akhe.