UNehemiya 3:1-12

UNehemiya 3:1-12 ZUL59

Kwasuka u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango Lezimvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli. Eceleni kwakhe kwakha abantu baseJeriko, naseceleni kwabo kwakha uZakuri indodana ka-Imri. ISango Lezinhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasenawa; abeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo. Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi. Eceleni kwabo kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya kaMeshezabeli. Eceleni kwabo kwalungisa uSadoki indodana kaBahana. Eceleni kwabo kwalungisa abaseThekhowa, kepha abakhulu babo abafakanga izintamo zabo emsebenzini wenkosi yabo. ISango Elidala lalungiswa nguJoyada indodana kaPhaseya nanguMeshulamu indodana kaBesodeya, babeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo. Eceleni kwabo kwalungisa uMelathiya waseGibeyoni, noJadoni waseMeronoti, amadoda aseGibeyoni naseMispa, phansi kwesihlalo sombusi phesheya koMfula.* Eceleni kwabo kwalungisa u-Uziyeli indodana kaHarihaya wabakhandi begolide. Eceleni kwakhe kwalungisa uHananiya wabathaki. Baliyeka iJerusalema kwaze kwaba soGangeni Olubanzi. Eceleni kwabo kwalungisa uRefaya indodana kaHure, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema. Eceleni kwakhe kwalungisa uJedaya indodana kaHarumafi malungana nendlu yakhe. Eceleni kwakhe kwalungisa uHathushi indodana kaHashabineya. UMalikhiya, indodana kaHarimi, noHashubi, indodana kaPhahati Mowabi, balungisa elinye ibanga noMbhoshongo Wamaziko. Eceleni kwabo kwalungisa uShalumi indodana kaHaloheshi, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema, yena namadodakazi akhe.