NgokukaMakhu 8:1-21

NgokukaMakhu 8:1-21 ZUL20

Ngalezo zinsuku kwabuye kwabuthana izindimbane zabantu, kepha babengenakudla. UJesu wabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuphele izinsuku ezintathu sinami, futhi singenakho esingakudla. Uma ngisihambisa silambile, sibuyele emakhaya, siyophelelwa ngamandla endleleni, ngokuba abanye baso bavela kude.” Abafundi bakhe bamphendula, bathi: “Umuntu angazithatha kuphi izinkwa lapha ehlane ezingasuthisa laba bantu na?” Wababuza abafundi bakhe, wathi: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa.” Wayeseyala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wabanika abafundi bakhe ukuze basabele; basabela-ke isixuku. Babenezinhlanzana futhi eziyingcosana; nazo wazibusisa, wabayala ukuba basabele zona. Abantu badla, basutha, babutha imvuthuluka eningi eyayisele, yagcwala iziqabetho eziyisikhombisa. Babebalelwa ezi-4 000; wayesebamukisa. Esengene masinyane esikebheni nabafundi bakhe, waya esifundeni eDalimanutha. Kwafika kuye abaFarisi, baqala ukuqophisana naye, befuna isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga. UJesu wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: lesi sizukulwane asiyukunikwa sibonakaliso.” Wabashiya, wangena futhi esikebheni, walibangisa ngaphesheya. Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa; babengenalutho ngaphandle kwesinkwa esisodwa esasisesikebheni. Wayesebayala ethi: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nekaHerode.” Babephikisana bodwa, bethi ukusho lokhu ngokuba bengenazinkwa. UJesu ekwazi abadlinza ngakho, wathi kubo: “Nikhulumelani nodwa ngokuthi aninazinkwa na? Anikaboni yini, futhi anikaqondi? Inhliziyo yenu iselukhuni na? Ninamehlo, kodwa aniboni yini, ninezindlebe kodwa anizwa na? Anisakhumbuli yini mhlazana ngihlephulela abayizi-5 000 izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Ezili-12.” “Mhlazana izinkwa ziyisikhombisa kwabayizi-4 000, lapho nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Eziyisikhombisa.” Wathi kubo: “Anikaqondi yini namanje na?”