NgokukaMarku 8:1-21

NgokukaMarku 8:1-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngalezo zinsuku isixuku sasisikhulu kakhulu, singenalutho lokudla, uJesu wabizela kuye abafundi bakhe, wathi kubo: Ngiyasihawukela ixuku, ngoba sekuyizinsuku ezintathu lihlezi lami lingelakudla; Uma ngibamukisa ezindlini zabo bengadlanga, bayakuphelelwa amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude. Abafundi bakhe bamphendula bathi: “Kungavelaphi umuntu ukubasuthisa laba ngesinkwa lapha ehlane na? Wababuza wathi: Zingaki izinkwa eninazo? Basebesithi: Ziyisikhombisa. Wayala isixuku ukuba sihlale phansi emhlabathini; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, ukuba bababele; bazibeka phambi kwabantu. Babanezinhlanzana eziyingcosana; wabusisa, wathi mazibekwe phambi kwabo nazo. Badla, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa. Abadlayo babengaba yizinkulungwane ezine; wayesebamukisa. Wasengena masinyane emkhunjini kanye labafundi bakhe, waya emaphandleni aseDalmanutha. Base bephuma abaFarisi, baqala ukuphikisana naye, befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga. Wabubula kakhulu emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso. Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, waya ngaphesheya. Kepha abafundi babekhohliwe ukuphatha izinkwa; Wasebalaya wathi: Qaphelani, lixwaye imvubelo yabaFarisi lemvubelo kaHerodi. Basebekhulumisana bodwa, besithi: Kungoba singelazinkwa. Kwathi uJesu ekwazi wathi kubo: Kungani liphikisana ngokuthi lingelazinkwa? anikaqondi, anikaqondi na? Inhliziyo yenu iselukhuni na? Ninamehlo, aniboni na? Ninezindlebe anizwa na? anikhumbuli na? Mhla ngihlephula izinkwa eziyisihlanu kwabayizinkulungwane eziyisihlanu, nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na? Bathi kuye: “Ishumi nambili.” Lapho abayisikhombisa kwabayizinkulungwane ezine, nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na? Basebesithi: Ziyisikhombisa. Wathi kubo: “Kungani ningaqondi na?

NgokukaMarku 8:1-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngalezo zinsuku kwabuye kwabuthana izindimbane zabantu, kepha babengenakudla. UJesu wabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuphele izinsuku ezintathu sinami, futhi singenakho esingakudla. Uma ngisihambisa silambile, sibuyele emakhaya, siyophelelwa ngamandla endleleni, ngokuba abanye baso bavela kude.” Abafundi bakhe bamphendula, bathi: “Umuntu angazithatha kuphi izinkwa lapha ehlane ezingasuthisa laba bantu na?” Wababuza abafundi bakhe, wathi: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa.” Wayeseyala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wabanika abafundi bakhe ukuze basabele; basabela-ke isixuku. Babenezinhlanzana futhi eziyingcosana; nazo wazibusisa, wabayala ukuba basabele zona. Abantu badla, basutha, babutha imvuthuluka eningi eyayisele, yagcwala iziqabetho eziyisikhombisa. Babebalelwa ezi-4 000; wayesebamukisa. Esengene masinyane esikebheni nabafundi bakhe, waya esifundeni eDalimanutha. Kwafika kuye abaFarisi, baqala ukuqophisana naye, befuna isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga. UJesu wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: lesi sizukulwane asiyukunikwa sibonakaliso.” Wabashiya, wangena futhi esikebheni, walibangisa ngaphesheya. Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa; babengenalutho ngaphandle kwesinkwa esisodwa esasisesikebheni. Wayesebayala ethi: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nekaHerode.” Babephikisana bodwa, bethi ukusho lokhu ngokuba bengenazinkwa. UJesu ekwazi abadlinza ngakho, wathi kubo: “Nikhulumelani nodwa ngokuthi aninazinkwa na? Anikaboni yini, futhi anikaqondi? Inhliziyo yenu iselukhuni na? Ninamehlo, kodwa aniboni yini, ninezindlebe kodwa anizwa na? Anisakhumbuli yini mhlazana ngihlephulela abayizi-5 000 izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Ezili-12.” “Mhlazana izinkwa ziyisikhombisa kwabayizi-4 000, lapho nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Eziyisikhombisa.” Wathi kubo: “Anikaqondi yini namanje na?”

NgokukaMarku 8:1-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngalezo zinsuku sekukhona futhi isixuku esikhulu singenakudla, wabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla. Uma ngibamukisa, baye ekhaya bengadlanga, bayakuphela amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude.” Abafundi bakhe bamphendula bathi: “Umumtu angatholaphi lapha ehlane izinkwa zokusuthisa laba na?” Wababuza wathi: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa.” Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele; basabela isixuku. Babe nezinhlanzana eziyingcosana futhi; esezibusisile wathi abababele nazo. Badla, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa. Babengathi izinkulungwane ezine; wabamukisa. Wayesengena masinyane emkhunjini kanye nabafundi bakhe, weza ezweni laseDalmanutha. Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga. Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.” Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya. Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa, bengenalutho, isinkwa sisinye kuphela emkhunjini. Wayesebayala ethi: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.” Baphendulana bodwa, bathi abanazinkwa. UJesu ekwazi wathi kubo: “Yini ukuba niphendulane ngokuthi aninazinkwa na? Anikaboni, anikaqondi, na? Inhliziyo yenu iselukhuni na? Ninamehlo aniboni yini, ninezindlebe anizwa na? Anikhumbuli yini mhla ngihlephulela abayizinkulungwane eziyisihlanu izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Ishumi nambili.” “Mhla ziyisikhombisa kwaba yizinkulungwane ezine, nabutha amaqoma amangaki agcwele imvuthuluka na?” Bathi: “Isikhombisa.” Wathi kubo: “Anikaqondi na?”

NgokukaMarku 8:1-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)