NgokukaMarku 8:1-21

NgokukaMarku 8:1-21 ZUL59

Ngalezo zinsuku sekukhona futhi isixuku esikhulu singenakudla, wabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla. Uma ngibamukisa, baye ekhaya bengadlanga, bayakuphela amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude.” Abafundi bakhe bamphendula bathi: “Umumtu angatholaphi lapha ehlane izinkwa zokusuthisa laba na?” Wababuza wathi: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa.” Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele; basabela isixuku. Babe nezinhlanzana eziyingcosana futhi; esezibusisile wathi abababele nazo. Badla, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa. Babengathi izinkulungwane ezine; wabamukisa. Wayesengena masinyane emkhunjini kanye nabafundi bakhe, weza ezweni laseDalmanutha. Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga. Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.” Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya. Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa, bengenalutho, isinkwa sisinye kuphela emkhunjini. Wayesebayala ethi: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.” Baphendulana bodwa, bathi abanazinkwa. UJesu ekwazi wathi kubo: “Yini ukuba niphendulane ngokuthi aninazinkwa na? Anikaboni, anikaqondi, na? Inhliziyo yenu iselukhuni na? Ninamehlo aniboni yini, ninezindlebe anizwa na? Anikhumbuli yini mhla ngihlephulela abayizinkulungwane eziyisihlanu izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Ishumi nambili.” “Mhla ziyisikhombisa kwaba yizinkulungwane ezine, nabutha amaqoma amangaki agcwele imvuthuluka na?” Bathi: “Isikhombisa.” Wathi kubo: “Anikaqondi na?”