NgokukaMakhu 6:45-50

NgokukaMakhu 6:45-50 ZUL20

UJesu wayesephoqa ngokushesha abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni, bamandulele ukuya phesheya eBhethsayida, aze yena ahlakaze isixuku. Esevalelisile esixukwini, wahamba waya entabeni ukuyokhuleka. Kwathi sekuhlwile, isikebhe siphakathi nolwandle, Yena esele yedwa emhlabathini, wababona ukuthi banobunzima obukhulu lapho begwedla, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kwathi ngomlindo wesine wobusuku, weza kubo ehamba phezu kolwandle; kwaba sengathi uyadlula kubo. Kepha bambona ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi ngumungcwi; bakhala. Phela bonke bambona, bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yiMina, ningesabi.”

Video for NgokukaMakhu 6:45-50

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 6:45-50