Marku 6:45-50

Marku 6:45-50 CZB24

Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya ngaphesheya eBetsayida, yena esamukisa isixuku. Esebamukisile wenyuka waya entabeni ukuyokhuleka. Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini. Wababona beshikashikeka ekugwedleni; ngokuba umoya wawuphambene nabo; kwathi ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle, efuna ukudlula kubo. Kwathi bembona ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; Ngokuba bonke bambona, bakhathazeka. Washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; ningesabi.

Funda Marku 6

Video for Marku 6:45-50

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 6:45-50