NgokukaMakhu 6:41-52

NgokukaMakhu 6:41-52 ZUL20

Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona. Bonke badla, basutha. Babutha imvuthuluka yezinkwa neyezinhlanzi, kwagcwala iziqabetho ezili-12. Abadla izinkwa lapho kwakungamadoda ayizi-5 000. UJesu wayesephoqa ngokushesha abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni, bamandulele ukuya phesheya eBhethsayida, aze yena ahlakaze isixuku. Esevalelisile esixukwini, wahamba waya entabeni ukuyokhuleka. Kwathi sekuhlwile, isikebhe siphakathi nolwandle, Yena esele yedwa emhlabathini, wababona ukuthi banobunzima obukhulu lapho begwedla, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kwathi ngomlindo wesine wobusuku, weza kubo ehamba phezu kolwandle; kwaba sengathi uyadlula kubo. Kepha bambona ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi ngumungcwi; bakhala. Phela bonke bambona, bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yiMina, ningesabi.” Wayesekhwela esikebheni ababekuso, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo. Ngokuba abakuqondanga okwenzeke ezinkweni, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni.

Ividiyo ye- NgokukaMakhu 6:41-52

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 6:41-52