NgokukaMarku 6:41-52
NgokukaMarku 6:41-52 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi bakhe, ukuba bazibeke phambi kwabo; lezinhlanzi ezimbili wababela bonke. Badla bonke, basutha. Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, nezezinhlanzi. Abadla izinkwa babengamadoda angaba yizinkulungwane eziyisihlanu. Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya ngaphesheya eBetsayida, yena esamukisa isixuku. Esebamukisile wenyuka waya entabeni ukuyokhuleka. Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini. Wababona beshikashikeka ekugwedleni; ngokuba umoya wawuphambene nabo; kwathi ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle, efuna ukudlula kubo. Kwathi bembona ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; Ngokuba bonke bambona, bakhathazeka. Washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; ningesabi. Wayesekhuphukela kubo emkhunjini; umoya wanqamuka; bamangala kakhulu phakathi kwabo ngokungenakulinganiswa, bamangala. Ngokuba babenganakanga ngezinkwa, ngokuba inhliziyo yabo yayilukhuni.
NgokukaMarku 6:41-52 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona. Bonke badla, basutha. Babutha imvuthuluka yezinkwa neyezinhlanzi, kwagcwala iziqabetho ezili-12. Abadla izinkwa lapho kwakungamadoda ayizi-5 000. UJesu wayesephoqa ngokushesha abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni, bamandulele ukuya phesheya eBhethsayida, aze yena ahlakaze isixuku. Esevalelisile esixukwini, wahamba waya entabeni ukuyokhuleka. Kwathi sekuhlwile, isikebhe siphakathi nolwandle, Yena esele yedwa emhlabathini, wababona ukuthi banobunzima obukhulu lapho begwedla, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kwathi ngomlindo wesine wobusuku, weza kubo ehamba phezu kolwandle; kwaba sengathi uyadlula kubo. Kepha bambona ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi ngumungcwi; bakhala. Phela bonke bambona, bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yiMina, ningesabi.” Wayesekhwela esikebheni ababekuso, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo. Ngokuba abakuqondanga okwenzeke ezinkweni, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni.
NgokukaMarku 6:41-52 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo. Badla bonke, basutha. Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, neyezinhlanzi. Ababedlile izinkwa babe ngamadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu. Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya eBetsayida, yena aze amukise isixuku. Esebavalelisile wahamba waya entabeni ukuyokhuleka. Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini. Wababona behlupheka ekugwedleni, ngokuba umoya wawuphambene nabo, weza kubo ngomlindo wesine wobusuku ehamba phezu kolwandle. Kwangathi uyadlula kubo. Sebembonile ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; bakhala. Ngokuba bonke bambona, bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.” Wayesekhwela emkhunjini kubo, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo. Ngokuba abaqondanga okwezinkwa, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni.
NgokukaMarku 6:41-52 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)