Wabayala ukuba bonke bahlale phansi otshanini obuluhlaza, izigaba ngezigaba. Base behlala phansi amaqoqo ngamaqoqo, amanye ngekhulu, amanye ngama-50. Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona. Bonke badla, basutha. Babutha imvuthuluka yezinkwa neyezinhlanzi, kwagcwala iziqabetho ezili-12. Abadla izinkwa lapho kwakungamadoda ayizi-5 000.
Funda NgokukaMakhu 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 6:39-44
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo