NgokukaMakhu 6:39-44

NgokukaMakhu 6:39-44 ZUL20

Wabayala ukuba bonke bahlale phansi otshanini obuluhlaza, izigaba ngezigaba. Base behlala phansi amaqoqo ngamaqoqo, amanye ngekhulu, amanye ngama-50. Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona. Bonke badla, basutha. Babutha imvuthuluka yezinkwa neyezinhlanzi, kwagcwala iziqabetho ezili-12. Abadla izinkwa lapho kwakungamadoda ayizi-5 000.

Ividiyo ye- NgokukaMakhu 6:39-44