NgokukaMarku 6:39-44
NgokukaMarku 6:39-44 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wabalaya ukuthi bonke bahlale phansi ngezigaba etshanini obuluhlaza. Base behlala phansi amaviyo amaviyo, ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi bakhe, ukuba bazibeke phambi kwabo; lezinhlanzi ezimbili wababela bonke. Badla bonke, basutha. Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, nezezinhlanzi. Abadla izinkwa babengamadoda angaba yizinkulungwane eziyisihlanu.
NgokukaMarku 6:39-44 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wabayala ukuba bonke bahlale phansi otshanini obuluhlaza, izigaba ngezigaba. Base behlala phansi amaqoqo ngamaqoqo, amanye ngekhulu, amanye ngama-50. Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona. Bonke badla, basutha. Babutha imvuthuluka yezinkwa neyezinhlanzi, kwagcwala iziqabetho ezili-12. Abadla izinkwa lapho kwakungamadoda ayizi-5 000.
NgokukaMarku 6:39-44 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba. Base behlala phansi amaviyo ngamaviyo, kwaba ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo. Badla bonke, basutha. Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, neyezinhlanzi. Ababedlile izinkwa babe ngamadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu.
NgokukaMarku 6:39-44 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)