NgokukaMakhu 6:34-44

NgokukaMakhu 6:34-44 ZUL20

Esehlile uJesu, ephuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu, wasihawukela, ngokuba sasinjengezimvu ezingenamelusi; wayeseqala esifundisa okuningi. Kwathi isikhathi sesihambile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, futhi seliyozilahla kunina. Bahambise ukuba baye ezindaweni eziseduze nasemizaneni ukuze bazithengele ukudla.” Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Sihambe yini siyothenga izinkwa zodenariyu abangama-200, sibaphe badle na?” Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki? Hambani niyobheka.” Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.” Wabayala ukuba bonke bahlale phansi otshanini obuluhlaza, izigaba ngezigaba. Base behlala phansi amaqoqo ngamaqoqo, amanye ngekhulu, amanye ngama-50. Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona. Bonke badla, basutha. Babutha imvuthuluka yezinkwa neyezinhlanzi, kwagcwala iziqabetho ezili-12. Abadla izinkwa lapho kwakungamadoda ayizi-5 000.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo